Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 UFaro wathumela; bheka, emfuyweni yakwa-Israyeli akufanga neyodwa; kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 UFaro wathumela, kodwa wathola ukuthi akukho nasinye isilwane emfuyweni yabakwa-Israyeli esasifile. Kepha inhliziyo kaFaro yayilukhuni, akabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UFaro wathuma, bheka, emfuyweni yabantwana bakwa-Israyeli akufanga neyodwa. Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:7
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ehlakaniphile enhliziyweni, eqinile emandleni, ngubani oziqinisele kuye, waphumelela,


Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


UJehova wayesethi kuMose: “Inhliziyo kaFaro ilukhuni: uyenqaba ukuba abantu bahambe.


UFaro wayenza lukhuni inhliziyo yakhe nangaleso sikhathi futhi, kabavumelanga abantu ukuba bahambe.


UJehova wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro, kabalalelanga, njengalokho uJehova eshilo kuMose.


UJehova wayesethi kuMose naku-Aroni: “Caphunani izinkweshe zomlotha waseziko uMose awusakazele ngasezulwini phambi kukaFaro.


Umuntu osolwayo, onentamo elukhuni kodwa, uyakwaphulwa ngokuphazima kweso, engenakuphulukiswa.


Ngokuba bengazi ukuthi unenkani, nentamo yakho ingumsipha wensimbi, nebunzi lakho liyithusi,


Kepha lapho inhliziyo yakhe yaziphakamisa, nomoya wakhe waba lukhuni waze wazidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


Ngakho uhawukela lowo athanda ukumhawukela, umenza lukhuni lowo athanda ukumenza lukhuni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ