Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Wayesethi uMose kuye: “Nxa sengiphumile emzini, ngizakwelula izandla zami kuJehova; kuyakunqamuka ukuduma, nesichotho asisayikuba khona, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 UMose wathi kuye: “Lapho nje ngiphuma emzini ngizokwelulela izandla zami kuSimakade; ukuduma kuzophela, singabe sisehla nesichotho, ukuze wazi ukuthi umhlaba ungokaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 UMozisi wasesithi kuye: Nxa ngiphuma emzini, ngizakwelulela izandla zami eNkosini; nokuduma kuyonqamuka, nesichotho ngeke sisaba khona; ukuze nazi ukuthi umhlaba ungokaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:29
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

USolomoni wema phambi kwe-altare likaJehova ebusweni balo lonke ibandla lakwa-Israyeli, welulela izandla zakhe ngasezulwini,


bese kuzwakala namuphi umkhuleko nakuphi ukunxusa noma ngumuphi umuntu noma yibo bonke abantu bakho u-Israyeli abayakwazi, kube yilowo nalowo inhlupheko yasenhliziyweni yakhe, elulele izandla zakhe kule ndlu,


Ngesikhathi somnikelo wakusihlwa ngavuka ekuzileni kwami, ingubo yami nejazi lami kuklebhukile, ngaguqa ngamadolo, ngelulela izandla zami kuJehova uNkulunkulu wami,


“Uma ulungisa inhliziyo yakho, welulele izandla zakho kuye;


Konke uJehova akuthandayo uyakwenza ezulwini nasemhlabeni, emanzini nasezinzulwini zonke.


Ngiyazelulela izandla zami kuwe; umphefumulo wami womela wena njengomhlaba owomileyo. Sela*


Uma bengilambile, bengingekutshele wena, ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.


Kalokhu uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami,


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


“ ‘Ngalolo suku ngiyakwahlukanisa izwe laseGosheni abakhe kulo abantu bami ukuba kungabikho izibawu khona, ukuze wazi ukuthi nginguJehova phakathi kwezwe.


U-Aroni wayeselula isandla sakhe phezu kwamanzi aseGibithe; amasele akhuphuka-ke, asibekela izwe laseGibithe.


UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo.


Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza,


“Bheka, izulu nezulu lamazulu lingelikaJehova uNkulunkulu wakho, nomhlaba nakho konke okukuwo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ