Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 9:24 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 Kwase kuwa isichotho nomlilo owanyazima njalo phakathi kwesichotho; kwakunzima kakhulu, okwakungazange kube khona ezweni laseGibithe okungangako, selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

24 Kwehla isichotho nomlilo, nokuphazima okwakuhambisana nesichotho esasinamandla, esingakaze sibonwe eGibhithe selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

24 Kwasekusiba khona isichotho lomlilo kuxutshaniswe lesiqhotho, esinzima kakhulu, ekungazange kube khona okunjengalokhu elizweni lonke leGibhithe selokhu laba yisizwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 9:24
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

engiziqongelele isikhathi sokuhlupheka nosuku lokulwa nolwempi, na?


Wabanika isichotho saba yimvula yabo, amalangabi omlilo ezweni labo.


UJehova waduma ezulwini; oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe: isichotho namalahle avuthayo.


Izindlu zakho, nezindlu zezinceku zakho zonke, nezindlu zabo bonke abaseGibithe ziyakugcwaliswa yiso, abangazange basibone esinjalo oyihlo nawoyise bawoyihlo, selokhu bafika emhlabeni kuze kube namuhla.’ ” Waphenduka, waphuma kuFaro.


Bheka, kusasa ngalesi sikhathi ngiyakuwisa isichotho esinzima kakhulu, esingazange sibe khona esingaka eGibithe, selokhu lakhiwa kuze kube manje.


UMose wayeselula induku yakhe ngasezulwini; uJehova wathuma ukuduma nesichotho; nomlilo wehlela emhlabeni; uJehova wawisa isichotho phezu kwezwe laseGibithe.


Isichotho sashaya konke okwakusendle, abantu nezinkomo, ezweni lonke laseGibithe; isichotho sashaya yonke imifino yasendle, saphula yonke imithi yasendle.


UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo, abonakalise ukwehla kwengalo yakhe ngokuvutha kolaka lwakhe, nangelangabi lomlilo oqothulayo, ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.


Ngabona, bheka, kwavela umoya wesivunguvungu enyakatho, ifu elikhulu elinomlilo ovuthayo nokukhanya nxazonke zalo, kuphuma phakathi kwalo kungathi ithusi elikhazimulayo, kuvela emlilweni.


“ ‘Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiyakuludabula ngomoya wesivunguvungu ngokufutheka kwami, kube yimvula ekhukhulayo ngentukuthelo yami, namatshe esichotho ngokufutheka ukuba aluqede.


Ngokuba lapho kuyakuba khona usizi olukhulu olungazange lube khona kwasekuqaleni kwezwe kuze kube manje nolungasayikuba khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ