Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 8:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Wayesethi uFaro: “Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane, kepha ningayi kude kakhulu nokho; ngikhulekeleni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 UFaro wathi: “Ngizonivumela nihambe niyokwethula umhlatshelo kuSimakade uNkulunkulu wenu ehlane, kuphela nje uma ningezukuya kude. Ningikhulekele nami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Wayesethi uFaro: “Ngiyakunivumela ukuba nihambe, nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane; kodwa akumelwe nihambe kakhulu; ngikhulekeleni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 8:28
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.


ukuba banikele ngemihlatshelo yephunga elimnandi kuNkulunkulu wezulu, bakhulekele ukuphila kwenkosi namadodana ayo.


Ngalokho ake nithethelele isono sami ngalesi sikhathi esisodwa nje, nincenge uJehova uNkulunkulu wenu ukuba asuse kimi lokhu kufa kuphela.”


Kepha ngiyazi mina ukuthi inkosi yaseGibithe ayiyikuvuma ukuba nihambe, ngisho nangesandla esinamandla.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Esebona uFaro ukuthi kuyiphefu, wayenza lukhuni inhliziyo yakhe, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Wathi uMose: “Bheka, ngiyaphuma kuwe; ngiyakuncenga uJehova ukuba izibawu zimuke, zisuke kuFaro, nakuzo izinceku zakhe, nakubantu bakhe ngomuso; kodwa uFaro angabuyi akhohlise ngokungavumeli abantu ukuba bahambe bahlabele uJehova.”


Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”


Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”


Okukhona kwake kwabizwa ngegama; kwaziwa ukuthi umuntu uyakuba yini; akanakwahlulelana nonamandla kunaye.


zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje,


Inhliziyo yabo yayahlukene; uyakuwaphula ama-altare abo, achithe izinsika zabo.


USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ