Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 8:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Osomlingo bathi kuFaro: “Lona ngumunwe kaNkulunkulu.” Kepha inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, akafunanga ukubalalela njengalokhu ayeshilo uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Zase zithi izanusi kuFaro: “Lokhu kungumunwe kaNkulunkulu; njengokutsho kweNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 8:19
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izikhwebu ezincane zagwinya izikhwebu eziyisikhombisa ezinhle; ngakulandisa izanusi, kepha sasingekho esingangazisa khona.”


Lapha ngibuka izulu lakho, umsebenzi weminwe yakho, inyanga nezinkanyezi ozimisileyo,


Ababonananga; akusukanga muntu endaweni yakhe izinsuku zaze zaba ntathu; kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli kwakukhona ukukhanya emakhaya abo.


Kepha izinceku zikaFaro zathi kuye: “Lo muntu uzakuba lugibe kuze kube nini na? Bavumele abantu ukuba bahambe bakhonze uJehova uNkulunkulu wabo. Awukwazi ukuthi iGibithe seliyashabalala na?”


Kepha kubo bonke abantwana bakwa-Israyeli akuyikubakho nanja eyakugwavumela umuntu nenkomo,’ ukuze nazi ukuthi uJehova uyahlukanisa iGibithe no-Israyeli.


Inhliziyo kaFaro yaba lukhuni, kabalalelanga, njengalokho eshilo uJehova.


Kepha uFaro akayikunilalela; ngiyakubeka isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe amabandla ami, isizwe sami, abantwana bakwa-Israyeli, ezweni laseGibithe ngezahlulelo ezinkulu.


AbaseGibithe bayokwazi ukuthi nginguJehova, nxa ngelula isandla sami phezu kweGibithe, ngikhiphe abantwana bakwa-Israyeli phakathi kwabo.”


Ezweni laseGosheni kuphela, lapho babe khona abantwana bakwa-Israyeli, kwakungawi sichotho.


UJehova uyakwahlukanisa imfuyo yakwa-Israyeli nemfuyo yaseGibithe, kungafi lutho kukho konke okwabantwana bakwa-Israyeli.’ ”


Khona yabonakaliswa imfihlakalo kuDaniyeli ngombono ebusuku. UDaniyeli wambonga uNkulunkulu wasezulwini.


Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.


Kepha uma ngikhipha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.


Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi;


bathi: “Sizakubenzani laba bantu na? Ngokuba kusobala kubo bonke abakhileyo eJerusalema ukuthi isibonakaliso esiqhamileyo senziwe yibo, asinakukuphika.


Bathi: “Uma nimukisa umphongolo kaNkulunkulu ka-Israyeli, ningawumukisi ze, kepha anobuyisela nokubuyisela kuye umnikelo wecala; khona niyakuphiliswa, kwazeke kini ukuthi isandla sakhe asisuswa ngani kini.”


Anobona, uma yenyuka ngendlela yasemkhawulweni wayo ukuya eBeti Shemeshi, nguye osenzele lobo bubi obukhulu; kepha uma kungenjalo, siyakwazi ukuthi akusiso isandla sakhe esisishayileyo; sehlelwa ingozi nje.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ