Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 7:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 UJehova wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi aseGibithe, naphezu kwemifula, naphezu kweminonjana yabo, naphezu kweziziba, naphezu kwamachibi amanzi abo onke ukuba aphenduke igazi,’ kube khona igazi ezweni lonke laseGibithe ezitsheni zemithi nasezitsheni zamatshe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 USimakade wathi kuMose: “Yisho ku-Aroni uthi: ‘Thatha induku yakho uyelulele phezu kwamanzi aseGibhithe, phezu kwemithombo, naphezu kwemifula, phezu kwamaxhaphozi, namachibi, ukuze amanzi aphenduke igazi. Kuyoba negazi kulona lonke iGibhithe, ngisho nasezitsheni zokhuni nezitsha zamatshe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 INkosi yasikhuluma kuMozisi isithi kuAroni: Thatha induku yakho, welule isandla sakho phezu kwamanzi eGibhithe, phezu kwemifula yabo, phezu kwemifula yabo, laphezu kwamachibi abo laphezu kwawo wonke amachibi abo amanzi, ukuze abe yigazi, futhi kube khona igazi ezweni lonke laseGibhithe, ezitsheni zokhuni nasezitsheni zamatshe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 7:19
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle.


Wayesethi kuGehazi: “Bhinca izikhali zakho, uthathe udondolo lwami ngesandla sakho, uhambe; uma uhlangana nomuntu, ungambingeleli; uma umuntu ekubingelela, ungamphenduli, ubeke udondolo lwami ebusweni bomntwana.”


UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kwezwe laseGibithe, kufike isikhonyane ukuba senyukele ezweni laseGibithe, sidle imifino yonke, konke okwashiywa yisichotho.”


UJehova wayesethi kuMose: “Yelula isandla sakho ngasezulwini ukuba kube khona ubumnyama ezweni laseGibithe obuphatheka ngesandla.”


Phakamisa wena induku yakho, welule isandla sakho phezu kolwandle, ulwahlukanise; abantwana bakwa-Israyeli bazakuhamba phakathi kolwandle emhlabathini owomileyo.


UMose wayeselula isandla sakhe phezu kolwandle; uJehova wamukisa amanzi ngomoya onamandla wasempumalanga ubusuku bonke, waphendula ulwandle lwaba ngumhlabathi owomileyo, amanzi ahlukana.


Wayesethi uJehova kuMose: “Yelula isandla sakho phezu kolwandle ukuba amanzi abuyele phezu kwabaseGibithe, phezu kwezinqola zabo nabamahhashi babo.”


Kuzakuthi-ke uma bengayikukholwa nayilezi zibonakaliso ezimbili, bengalaleli izwi lakho, uyakukha amanzi omfula, uwathele emhlabathini owomileyo; amanzi owakha emfuleni ayakuphenduka igazi emhlabathini owomileyo.”


UJehova wayesethi kuMose: “Yisho ku-Aroni, uthi: ‘Yelula induku yakho, ushaye uthuli lomhlabathi, lube ngomiyane ezweni lonke laseGibithe.’ ”


UMose waphuma emzini kaFaro, welula izandla zakhe kuJehova; kwanqamuka-ke ukuduma nesichotho, alabe lisana emhlabeni.


Izisekelo zalo ziyakwaphulwa, bonke abasebenza ngokuqashwa badabuke ngenhliziyo.


Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


UJehova uyathukuthelela imifula na? Ulaka lwakho luvuthela imifula, nentukuthelo yakho ulwandle, lokhu ukhwele amahhashi akho, nezinqola zakho zokunqoba, na?


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ