Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakunipha lona libe yifa; nginguJehova.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngiyakuningenisa ezweni engaphakamisa isandla sami ngalo ukulinika u-Abrahama, no-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa; nginguJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:8
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba,


Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe:


ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo.


Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho.


izwe engabapha lona o-Abrahama no-Isaka, ngiyakulinika wena; nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”


wabanika isinkwa esivela ezulwini ngokulamba kwabo, wabakhiphela amanzi edwaleni ngokoma kwabo, wabayala ukuba bangene ukulidla izwe owaphakamisa ngalo isandla sakho ukuba ubanike lona.


Kuyakuthi nxa uJehova ekungenisile ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaHivi, nelamaJebusi alifungela koyihlo ukukunika lona, izwe elivama ubisi nezinyosi, uyakugcina le nkonzo kule nyanga.


Khumbula o-Abrahama, no-Isaka, no-Israyeli, izinceku zakho, owazifungela kubo, wathi kubo: ‘Ngiyakwandisa inzalo yenu ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yenu lonke leli zwe engikhulumile ngalo, idle ifa lalo kuze kube phakade.’ ”


UNkulunkulu wakhuluma kuMose, wathi kuye: “NginguJehova;


Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukuyobanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, lapho bebegogobala khona.


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Yebo, ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngingabangenisi ezweni engangibanike lona, lichichima ubisi nezinyosi, elihle kunawo onke amazwe,


Futhi ngabaphakamisela isandla sami ehlane ukuba ngibahlakazele phakathi kwezizwe, ngibasabalalisele emazweni,


Lapho ngangibangenise ezweni engaphakamisela isandla sami ukubanika lona, bebona amagquma onke aphakemeyo nayo yonke imithi edumbileyo, bese benikela khona ngemihlatshelo yabo, banika khona isicunulo somnikelo wabo, babeka lapho iphunga labo elimnandi, bathulula khona iminikelo yabo yokuphuzwa.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa-Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngiphakamisile isandla sami ngokuthi: Impela abezizwe abakini nxazonke bayakuthwala ihlazo labo.


Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.


UMose wathi kuHobabi indodana kaRehuweli wakwaMidiyani, umukhwe kaMose: “Siya endaweni ashilo ngayo uJehova, wathi: ‘Ngiyakuninika yona.’ Woza wena, uhambe nathi, siyakukwenzela okuhle, ngokuba uJehova ukhulumile okuhle ngo-Israyeli.”


Ngakhulelwa bonke laba bantu yini, ngabazala, ukuze uthi kimi: ‘Bagone ngasesifubeni sakho njengomondli egona umntwana oncelayo, ubayise ezweni owalifungela oyise,’ na?


abayikungena ngempela ezweni engaphakamisa ngalo isandla sami ukuthi bengiyakunakhisa kulo, ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:


ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu onomusa; akayikukushiya, angakubhubhisi, angakhohlwa isivumelwano sawoyihlo asifungela bona.


Nganinika izwe eningakhandlekanga kulo, nemizi eningayakhanga nihlala nokho kuyo; niyadla ezivinini naseminqumeni eningakutshalanga.’


yafunga yena ophilayo kuze kube phakade naphakade, owadala izulu nokukulo, nomhlaba nokukuwo, nolwandle nokukulo, yathi: “Akusayikubakho isikhathi,


IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ