Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngabonakala ku-Abrahama, ku-Isaka, nakuJakobe egameni likaNkulunkulu, uMninimandla onke, kodwa ngegama lami elithi JEHOVA ngangingaziwa kubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:3
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.


U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala.


U-Abrahama waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi uJehova uyabonelela, njengalokhu kuthiwa nanamuhla: Entabeni kaJehova kuyakubonelelwa.


UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi,


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; mawuzale, wande; isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe; amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;


UJakobe wathi kuJosefa: “UNkulunkulu uSomandla wabonakala kimi eLuze ezweni laseKhanani, wangibusisa,


Hlabelelani kuNkulunkulu, nidumise igama lakhe; menzeleni umendo lowo odabula amahlane; igama lakhe linguJehova; yethabani phambi kwakhe,


bazi ukuthi nguwe wedwa ogama lakho linguJehova; ungoPhezukonke emhlabeni wonke.


UJehova uyindoda yempi; nguJehova igama lakhe.


Yiqaphele, ulalele izwi layo, ungayicunuli, lokhu ayiyikuthethelela iziphambeko zenu, ngokuba igama lami likuyo.


UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye enginguye.” Wathi: “Uzakusho njalo kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘UNgikhona* ungithumile.’ ”


“NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.


“Usho kanje uJehova, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi: Ngingowokuqala, ngingowokugcina, ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.


“Ngalokho bheka, ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhathi isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.


“Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngosuku engakhetha ngalo u-Israyeli ngaphakamisela inzalo yendlu yakwaJakobe isandla sami, ngazazisa kubo ezweni laseGibithe, ngabaphakamisela isandla sami, ngathi: “NginguJehova uNkulunkulu wenu.”


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho sengiwavulile amathuna enu, nganikhuphula emathuneni enu nina bantu bami.


Ngiyakubeka imisipha phezu kwenu, ngihlumise inyama phezu kwenu, nginimboze ngesikhumba, nginike umoya, niphile, nazi ukuthi nginguJehova.’ ”


UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.”


UJohane kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: Makube kini umusa nokuthula okuvela kuye okhona nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


Wathi kubo: “Ningangibizi ngokuthi uNawomi;* ngibizeni ngokuthi uMara,* ngokuba uSomandla ungiphathe ngomunyu omkhulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ