Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:16 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

16 Lawa ngamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: nguGereshomu, uKhohathi, noMerari. Iminyaka kaLevi yokuphila yaba yi-137.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Lawa angamagama amadodana kaLevi ngemindeni yawo; uGereshoni noKohati noMerari; iminyaka yokuphila kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:16
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili.


Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.


UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.


Wayesefa uJosefa eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.


UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari.


Amadodana kaLevi: ngoGereshomu, noKohati, noMerari.


Kwase kusukuma amaLevi: nguMahathi indodana ka-Amasayi noJoweli indodana ka-Azariya emadodaneni amaKohati; emadodaneni kaMerari: nguKishi indodana ka-Abidi no-Azariya indodana kaJehaleli; kumaGereshoni: nguJowa indodana kaZima no-Edene indodana kaJowa;


Kwasuka umuntu wendlu kaLevi, wathatha indodakazi kaLevi.


Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli; iminyaka yokuhamba kukaKohati yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nantathu.


U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


UKora kaJisihari kaKohati kaLevi, kanye noDathani no-Abiramu, amadodana ka-Eliyabe, no-Oni indodana kaPheleti, amadodana kaRubeni, bathatha amadoda,


Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo: kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni; kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati; kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.


Lawa angamadodana kaLevi ngamagama awo: oGereshoni, noKohati, noMerari.


Lawa angamagama amadodana kaGereshoni ngemindeni yawo: oLibini noShimeyi.


Namadodana kaKohati ngemindeni yawo: o-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli.


Namadodana kaMerari ngemindeni yawo: oMaheli noMushi. Leyo iyimindeni yamaLevi ngezindlu zawoyise.


KwaGereshoni kwavela umndeni wamaLibini nomndeni wamaShimeyi; yileyo eyimindeni yamaGereshoni.


Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.


Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.


esizweni sakwaSimeyoni abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwaLevi abayizinkulungwane eziyishumi nambili, esizweni sakwa-Isakare abayizinkulungwane eziyishumi nambili,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ