Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 6:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova wakhuluma kuMose naku-Aroni ukuba bayale abakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibithe ukukhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 USimakade wakhuluma kuMose no-Aroni ukuba bayale abantu bakwa-Israyeli noFaro inkosi yaseGibhithe ukuba akhiphe abantu bakwa-Israyeli eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Ngaphezu kwalokho, uJehova wakhuluma kuMose no-Aroni, wayala abantwana bakwa-Israyeli nakuFaro, inkosi yaseGibhithe, ukuba bakhiphe abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 6:13
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikulondoloze ezindleleni zakho zonke.


UMose wakhuluma ebusweni bukaJehova, wathi: “Bheka, abantwana bakwa-Israyeli abangilalelanga; uFaro angangilalela kanjani, nginezindebe zomlomo ezingasokwanga, na?”


Laba bayizinhloko zezindlu zawoyise: amadodana kaRubeni izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi; yile imindeni kaRubeni.


Yibo labo o-Aroni noMose uJehova athi kubo: “Khiphani ezweni laseGibithe abantwana bakwa-Israyeli ngamabandla abo.”


ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo.


wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.


wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi: “ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe, zikuthwale ngezandla, ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”


UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.


Lo myalo ngiwuthwesa wena mntanami Thimothewu njengeziprofetho ezandulelayo ngawe, ukuze ulwe ukulwa okuhle ngazo,


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu nezingelosi ezikhethiweyo ukuba ulonde lezo zinto ngokungazinqumeli, ungenzi lutho ngokukhetha.


Ngiyakuyala phambi kukaNkulunkulu ophilisa konke, naphambi kukaKristu Jesu owavuma ukuvuma okuhle phambi kukaPontiyu Pilatu,


Yala abacebileyo kuleli zwe lamanje ngokuthi bangakhukhumali, bangathembeli engcebeni engemiyo, kepha mabathembele kuNkulunkulu osicebisa ngakho konke, sithokoze ngakho,


Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye.


Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi:


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ