Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 40:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Ifu lase lisibekela itende lokuhlangana, nenkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Ifu lalisibekela ithende lokuhlangana, inkazimulo kaSimakade yagcwalisa ithabanakeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Ifu lasibekela itende lokuhlangana, inkazimulo kaJehova yagcwalisa itabernakele.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 40:34
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba angihlalanga ndlu kusukela osukwini engakhuphula ngalo abantwana bakwa-Israyeli eGibithe kuze kube namuhla, kepha ngangilokhu ngihamba etendeni nasetabernakele.*


nalapho abaphethe amacilongo nabahlabeleli bezwakalisa kanyekanye izwi linye lokudumisa nokubonga uJehova, nanxa bekhalisa amacilongo namasimbali* nezinto zokubethwa, bedumisa uJehova ngokuba muhle nangokuba umusa wakhe umi phakade, khona indlu yagcwaliswa yifu, yona le ndlu kaJehova,


Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu kaJehova.


Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.


Kwathi ngomlindo wokusa uJehova walunguza impi yabaseGibithe, esensikeni yomlilo neyefu, wayidunga impi yabaseGibithe.


Kwathi u-Aroni esakhuluma kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, babheka ngasehlane; bheka, inkazimulo kaJehova yabonakala efwini.


“Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.


Lapho ngiyakuhlangana nabantwana bakwa-Israyeli; liyakungcweliswa yinkazimulo yami.


Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.


Ngokuba usho kanje ophakamileyo nophezulu, ohlala kuze kube phakade, ogama lakhe lingoNgcwele, uthi: “Ngihlala endaweni ephakemeyo nengcwele, kepha nakuye onomoya ochotshoziweyo nothobekileyo, ukuvuselela umoya wabathobekileyo nokuphilisa izinhliziyo zabachotshoziweyo.


Izinsika zomnyango zathuthumela ngezwi lomemezayo, indlu yagcwala umusi.


Inkazimulo kaJehova yenyuka ekherubini, yaya embundwini wendlu; indlu yagcwala ifu, igceke lagcwala ukumenyezela kwenkazimulo kaJehova.


UJehova wathi kuMose: “Khuluma ku-Aroni umfowenu ukuba angangeni njalo endaweni engcwele ngaphakathi kwesihenqo ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyakubonakala efwini phezu kwesihlalo somusa.”


ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise le ndlu ngenkazimulo,’ usho uJehova Sebawoti.


‘Inkazimulo yokugcina yale ndlu iyakuba nkulu kuneyokuqala,’ usho uJehova Sebawoti, ‘nginike ukuthula kule ndawo,’ usho uJehova Sebawoti.”


Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.


bona bangabakwa-Israyeli, okungesabo isimo sobuntwana nenkazimulo, nezivumelwano, nokumiswa komthetho, nenkonzo, nezithembiso,


Ithempeli lagcwala umusi ovela ekukhazimuleni kukaNkulunkulu nasemandleni akhe; akakho owayengangena ethempelini, zingakapheleli izinhlupho eziyisikhombisa zezingelosi eziyisikhombisa.


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ