Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 40:13 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

13 Uyakugqokisa u-Aroni izingubo ezingcwele, bese umgcoba, umngcwelise, ukuze angikhonze engumphristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kumelwe umembathise u-Aroni izingubo ezingcwele, umgcobe, umngcwelise; ukuze angikhonze ebupristini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 40:13
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Ulethe amadodana akhe, uwembathise amabhantshi,


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,


ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwa-Israyeli mhla ebagcoba, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.


UMose wayeseletha amadodana ka-Aroni, wawembathisa amabhantshi, wawabhincisa amabhande,* wawafaka izigqoko, njengalokho uJehova emyalile uMose.


Ngiyazingcwelisa ngenxa yabo ukuba bangcweliswe nabo ngeqiniso.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ