Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:26 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 kwaba yilowo nalowo wanikela ngebeka* eliyinxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele kubo bonke abadlulela kwababaliweyo abaneminyaka engamashumi amabili nangaphezulu, abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

26 Umuntu ngamunye wanikela ngebeka, okunguhhafu weshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababebaliwe ngesikhathi bebalwa, kusukela kwabaneminyaka engama-20 kuya phezulu, emadodeni ayizi-603 550.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

26 ibheka ngendoda, inxenye yeshekeli ngokweshekeli lendlu engcwele, kubo bonke ababalwayo kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, amadoda ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu amahlanu namashumi ayisihlanu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:26
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamesesi, bafika eSukoti, kungathi abantu abayizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha behamba phansi, bengamadoda ngaphandle kwabantwana.


“Nxa ubala inani labantwana bakwa-Israyeli ngokwalabo ababalwayo, yilowo nalowo kubo makathele kuJehova ihlawulo lomphefumulo wakhe, lapho ubabalayo, ukuba kungabikho sifo phakathi kwabo, nxa ubabala.


Lokhu bayakukuthela, kube yilowo nalowo odlulela kwababaliweyo: inxenye yeshekeli* ngokweshekeli lendlu engcwele ishekeli lingamagera* angamashumi amabili inxenye yeshekeli ibe ngumnikelo kuJehova.


Amatalenta* ayikhulu esiliva ayengawokukhanda izinyawo zendlu engcwele, nezinyawo zesihenqo, izinyawo eziyikhulu ngamatalenta ayikhulu, italenta ngonyawo.


“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli ngemindeni yabo nangezindlu zawoyise njengokomumo wamagama abo, bonke abesilisa ngezinhloko zabo;


kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi, wena no-Aroni anobabala ngamabandla abo.


bonke ababalwayo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.


Yilabo ababalwayo kubantwana bakwa-Israyeli ngezindlu zawoyise; bonke ababalwayo bamakamu ngamabandla abo babe yizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nantathu namakhulu ayisihlanu namashumi ayisihlanu.


“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.”


Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.


Kwathi ukuba bafike eKapernawume, abaqoqi bemali yethempeli beza kuPetru, bathi: “Umfundisi wenu akayitheli imali yethempeli na?”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ