Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Zonke izikhonkwane zetabernakele* nezegceke nxasonke zaziyithusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Zazilithusi macala wonke zonke izikhonkwane zethabanakeli nezegceke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Zonke izikhonkwane zetabernakele nezegceke nxazonke zazingezethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:20
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Isisindo sezipikili sasingamashekeli* angamashumi ayisihlanu egolide. Amakamelo angaphezulu wawanameka ngegolide.


“Kepha manje senzelwe isikhashana umusa ovela kuJehova uNkulunkulu wethu ukusishiyela insali yabasindileyo nokusinika isikhonkwane endaweni yakhe engcwele ukuba uNkulunkulu wethu akhanyise amehlo ethu, asinike ikhefu elincane ebugqileni bethu.


Izimpahla zonke zetabernakele enkonzweni yalo yonke nezikhonkwane zalo zonke nezikhonkwane zegceke azibe ngezethusi.


Izinsika zalo zazizine, nezinyawo zalo zazizine zethusi; izingwegwe zaziyisiliva, ukunamekwa kwezihloko nokwezibopho kwakuyisiliva.


Lokhu kuyimali yetabernakele,* itabernakele lobufakazi, njengokubalwa kwayo ngesiyalezo sikaMose, ngokubala kwamaLevi ngesandla sika-Itamari indodana ka-Aroni umpristi.


Amazwi abahlakaniphileyo anjengezincijo, nezigaba zawo zinjengezipikili ezinamatheleyo, ephiwe nguMalusi munye.


Ngiyakumbethelisa okwesipikili endaweni eqinileyo, abe yisihlalo sobukhosi esikhazimulayo endlini kayise.


Kepha bheka iSiyoni, umuzi wemikhosi yethu; amehlo akho mawabuke iJerusalema, indlu yokuthula, itende elingayikususwa, elizikhonkwane zalo aziyikusishulwa nanini, nelizintambo zalo aziyikugqashulwa neyodwa.


engabambeleli kuye oyinhloko, okungaye umzimba wonke usizwa, uhlanganiswa ngamalungu nemisipha, ukhula ngokukhula kukaNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ