Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 38:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Walenza i-altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; laba nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; nokuphakama kwalo kwakuyizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Wenza i-althare lomnikelo wokushiswa ngokhuni lomkhambathi; laba ngamakhubhithi ayisihlanu ubude, namakhubhithi ayisihlanu ububanzi; laba yisikwele, nokuphakama kwalo kwaba ngamakhubhithi amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Walenza i-altare lomnikelo wokushiswa ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo eziyisihlanu, nobubanzi balo babuyizingalo eziyisihlanu; laliyisikwele; ukuphakama kwawo kube yizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 38:1
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Futhi i-altare lethusi elalenziwe nguBesaleli indodana ka-Uri kaHure lalilapho phambi kwetabernakele* likaJehova; uSolomoni nebandla baya ukubuza kulo.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


nezikhumba ezibomvu zezinqama, nezikhumba zamatahasi,* nemithi yomtholo,


ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,


Wazenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zazikunye nalo; walinameka ngethusi.


Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.


“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.


Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.


Ngakho ngiyanincenga, bazalwane, ngobubele bukaNkulunkulu ukuba ninikele imizimba yenu ibe ngumnikelo ophilileyo, ongcwele, othandeka kuNkulunkulu, kube ngukukhonza kwenu kokuqonda;


Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.


UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.


Ngakho-ke, bazalwane abangcwele, enihlanganyela ukubiza kwasezulwini, qaphelani umPhostoli nomPristi omkhulu wesivumo sethu uJesu,


kakhulu kangakanani igazi likaKristu owazinikela kuNkulunkulu ngoMoya ophakade engenacala lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


nakhiwe njengamatshe aphilileyo, nibe yindlu yokomoya, ubupristi obungcwele, ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu ngaye uJesu Kristu.


Umuzi umi unezinhlangothi ezine, nobude bawo bungangobubanzi bawo. Walinganisa umuzi ngohlanga, amastadiyu* ayizinkulungwane eziyishumi nambili, ubude nobubanzi nokuphakama kwawo kulingene.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ