Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 37:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Amakherubi awelula amaphiko awo ngaphezulu, amboza isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekana ngobuso; ubuso bamakherubi babheka isihlalo somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Amakherubhi ayendlale amaphiko awo phezu kwesihlalo somusa, esembozile; ebhekene ngobuso bawo, ayesebheka esihlalweni somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Amakherubi awelula amaphiko awo phezulu, asibekela isihlalo somusa ngamaphiko awo, ubuso bawo bubhekene; ubuso bamakherubi babukhuphukela esihlalweni somusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 37:9
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo.


Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.


Wawabeka amakherubi phakathi nendlu engaphakathi; amakherubi awelula amaphiko, iphiko lelinye lathinta odongeni, nephiko lelinye ikherubi lathinta odongeni olunye; amaphiko awo athintana phakathi nendlu.


Amakherubi ayakwelula amaphiko awo ngaphezulu, amboze isihlalo somusa ngamaphiko awo, abhekane ngobuso; ubuso bamakherubi buyakubheka isihlalo somusa.


Walenza itafula ngomuthi womtholo; ubude balo babuyizingalo ezimbili, nobubanzi balo babuyingalo, nokuphakama kwalo kwakuyingalo nenxenye.


elinye ikherubi* ekugcineni ngalapha nelinye ikherubi ekugcineni ngalapha; wawenza amakherubi aba kunye nesihlalo somusa, ekugcineni kwaso ngalapha nangalapha.


Ngaphezu kwakhe kwakumi amaserafi;* yilelo nalelo lalinamaphiko ayisithupha; ngamabili lamboza ubuso, nangamabili lamboza izinyawo, nangamabili landiza.


Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”


Kepha thina sonke esibuka ngobuso obambuliwe inkazimulo yeNkosi njengasesibukweni siyaguqulwa, sibe njengalowo mfanekiso ngokuya enkazimulweni, njengalokhu kumi ngeNkosi enguMoya.


ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu,


Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu,


Kuvunyiwe ukuthi inkulu imfihlakalo yokukhonza uNkulunkulu yokuthi: Owabonakaliswa enyameni, walungisiswa emoyeni, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa ezizweni, wakholeka ezweni, waphakanyiselwa enkazimulweni.


Azisibo yini zonke omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yabayakudla ifa lokusindiswa na?


abambulelwe ukuba bangazikhonzi bona kepha nina ngalezo zinto enishunyayezwa zona manje ngabanishumayeza ivangeli ngoMoya oNgcwele othunywe evela ezulwini, izinto ezizifisayo izingelosi ukuzibona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ