Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 33:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetende; uJehova wakhuluma noMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Lapho uMose engena ethendeni, kwakwehla insika yefu ime emnyango wethende, bese uSimakade ekhuluma noMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi uMose engena etendeni, insika yefu yehla, yema ngasemnyango wetabernakele; uJehova wakhuluma kuMose.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 33:9
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.


UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma no-Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.


Wakhuluma kubo esensikeni yefu; bagcina ubufakazi bakhe nezimiso abanika zona.


Ngiyakuhlangana nawe khona, ngikhulume nawe, ngiphezu kwesihlalo somusa emkhathini wamakherubi amabili aphezu komphongolo wobufakazi, ngakho konke engiyakukuyala ngakho ukuba ubatshele abantwana bakwa-Israyeli.


Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.


Bonke abantu bayibona insika yefu imi ngasemnyango wetende; bonke abantu basukuma, bakhuleka, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe.


UJehova wakhuluma kuMose ubuso nobuso, njengalokhu umuntu ekhuluma nomhlobo wakhe. Wabuyela ekamu,* kepha inceku yakhe uJoshuwa indodana kaNuni, insizwa, ayiphumanga etendeni.


Kwathi uMose ephuma eya etendeni, bonke abantu basukuma bema, kwaba yilowo nalowo ngasemnyango wetende lakhe, bambuka uMose waze wangena etendeni.


Akuyikukhuphuka muntu nawe, kungabonakali muntu entabeni yonke, futhi kungaklabi zimvu nazinkomo ngaphambi kwaleyo ntaba.”


UJehova wehla ngefu, wema naye lapho, wamemezela igama likaJehova.


Wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, iNkosi mayihambe iphakathi kwethu, ngokuba bangabantu abantamo ilukhuni; usithethelele ububi bethu nokona kwethu, usithabathe sibe yifa lakho.”


Isandla sikaJehova saba phezu kwami lapho, wathi kimi: “Suka, uphume uye ethafeni, ngiyakukhuluma nawe khona.”


Ngiyakwehla, ngikhulume nawe khona, ngithathe okomoya ophezu kwakho, ngikubeke kuwo; ayakuthwala umthwalo wabantu kanye nawe, ukuze ungawuthwali wedwa.


Nanxa uMose engena etendeni lokuhlangana ukuba akhulume naye, wezwa izwi likhuluma kuye, livela ngaphezu kwesihlalo somusa esisemphongolweni wobufakazi ngaphakathi kwamakherubi* omabili; wayesekhuluma kuye.


UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.


UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu, insika yema ngasemnyango wetende.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ