Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 33:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ngizothuma ingelosi phambi kwakho, ngiwaxoshe amaKhanani, ama-Amori, amaHithi, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngiyakuthuma ingelosi phambi kwakho; futhi ngiyowaxosha amaKhanani, nama-Amori, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 33:2
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”


UJehova uNkulunkulu wezulu owangikhipha endlini kababa nasezweni lokuzalwa kwami wakhuluma kimi, wafunga kimi, wathi: ‘Ngiyakulinika inzalo yakho leli zwe;’ uzakuthuma ingelosi yakhe phambi kwakho, ukuze ungitholele khona indodana yami umfazi.


“Bheka, ngiyathuma ingelosi phambi kwakho ukuba ikulondoloze endleleni, ikuyise endaweni engiyilungisileyo.


Ngishilo ngathi: Ngiyakunikhuphula ekuhluphekeni kwaseGibithe, nginiyise ezweni lamaKhanani, nelamaHeti, nelama-Amori, nelamaPherizi, nelamaHivi, nelamaJebusi, izwe elichichima ubisi nezinyosi.’


ngehle ukuba ngibophule esandleni sabaseGibithe, ngibakhuphule kulelo zwe, ngibayise ezweni elihle elibanzi, izwe elichichima ubisi nezinyosi, indawo yamaKhanani, neyamaHeti, neyama-Amori, neyamaPherizi, neyamaHivi, neyamaJebusi.


Kalokhu hamba-ke, uhole abantu, uye kuleyo ndawo engakhuluma ngayo kuwe; bheka, ingelosi yami iyakuhamba phambi kwakho; kepha mhla ngibahambela ngiyakuhambela isono sabo kubo.”


UMose wathi kuJehova: “Bheka, uthi kimi: ‘Khuphula laba bantu,’ kepha awungazisanga yena oyakumthuma nami. Nokho ushilo ukuthi: ‘Ngiyakwazi ngegama, ufumene umusa emehlweni ami.’


Qaphela lokhu engikuyala ngakho namuhla: bheka, ngixosha phambi kwakho ama-Amori, namaKhanani, namaHeti, namaPherizi, namaHivi, namaJebusi.


Ngokuba ngiyakuxosha izizwe phambi kwakho, ngandise imikhawulo yakho; akuyikubakho muntu olifisa izwe lakho, nxa ukhuphuka uya ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho kathathu ngomnyaka.


Ngalolo suku uJehova uyakulondoloza abakhileyo eJerusalema; okhubekayo phakathi kwabo ngalolo suku uyakuba njengoDavide, indlu kaDavide ibe njengoNkulunkulu, njengengelosi kaJehova ngaphambi kwabo.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakuxosha lezo zizwe phambi kwakho kancane kancane, ungaziqedi masinyane, funa izilwane zasendle zande ngaphezu kwakho.


“ ‘Nase niwela iJordani, nafika eJeriko; amadoda aseJeriko alwa nani, nama-Amori, namaPherizi, namaKhanani, namaHeti, namaGirigashi, namaHivi, namaJebusi, ngawanikela esandleni senu.


Wathi uJoshuwa: “Niyakwazi ngalokhu ukuthi uNkulunkulu ophilayo uphakathi kwenu nokuthi uyakuxosha nokuxosha phambi kwenu amaKhanani, namaHeti, namaHivi, namaPherizi, namaGirigashi, nama-Amori, namaJebusi.


nganophula esandleni sabaseGibithe nasesandleni sabo bonke abanicindezelayo, ngabaxosha phambi kwenu, nganinika izwe labo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ