Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 U-Aroni wakubona, wakha i-altare phambi kwalo; u-Aroni wamemezela wathi: “Kusasa kuzakuba khona umkhosi kaJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Kuthe ukuba u-Aroni akubone lokho, wakha i-althare phambi kwethole, wenza isimemezelo, wathi: “Kusasa kuzokuba nomkhosi kaSimakade.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 U-Aroni wakubona, walakhela i-altare; u-Aroni wamemeza wathi: Kusasa kungumkhosi weNkosi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:5
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waloba ezincwadini ukuthi: “Memezelani ukuzila ukudla, nimbeke uNaboti emqoka kubantu,


Wayesethi uJehu: “Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi.” Bawumemezela-ke.


U-Uriya, umpristi, wayesakha i-altare: njengakho konke inkosi u-Ahazi ebikuthumile iseDamaseku walenze njalo u-Uriya umpristi, yaze yabuya inkosi u-Ahazi eDamaseku.


Benza isinqumo sokuhambisa izwi ku-Israyeli wonke kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani ukuba bafike, bamenzele uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli iphasika eJerusalema, ngokuba babengalenzanga ebandleni njengokulotshiweyo.


UMose wathi: “Siyakuhamba nabasha bethu, nabadala bethu, namadodana ethu, namadodakazi ethu, nezimvu zethu, nezinkomo zethu, ngokuba sinomkhosi kaJehova.”


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


Wawamukela ezandleni zabo, wawabumba ngengwedo, wawenza aba yithole elibunjiweyo, bathi: “Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.”


Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.


“Ngokuba u-Efrayimi wandisile ama-altare aba ngukona; ama-altare ayakuba ngukona kuye.


Ngokuba u-Israyeli ukhohliwe uMdali wakhe, wakha izindlu zamakhosi, noJuda wandisile imizi ebiyelweyo, ngiyakuthuma umlilo emizini yakhe, uqede izindlu zayo zobukhosi.”


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Imikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele, yona iyimikhosi yami emisiweyo.


Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.


“ ‘Le iyimikhosi emisiweyo kaJehova eniyakuyimemezela ibe yimihlangano engcwele ukunikela ngomnikelo womlilo kuJehova, umnikelo wokushiswa nomnikelo wempuphu, umhlatshelo neminikelo yokuphuzwa, kube yilowo nalowo ngosuku lwawo,


“ ‘Nansi imikhosi emisiweyo kaJehova, imihlangano engcwele eniyakuyimemezela ngezikhathi zayo ezimisiweyo.


Njalo-ke masigubhe umkhosi, kungabi ngemvubelo endala, kungabi ngemvubelo yokushinga neyobubi, kodwa kube ngesinkwa esingenamvubelo sobuqotho neseqiniso.


USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ