Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:27 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Wayesethi kuwo: “Usho njalo uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Akube yilowo nalowo kini abhince inkemba yakhe ethangeni lakhe, adabule ekamu,* aye emuva, aye phambili, kusukela kwelinye isango kuze kube kwelinye isango lekamu, yilowo nalowo abulale umfowabo, nalowo umngane wakhe, nalowo umakhelwane wakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

27 Wayesethi kuwo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo makagaxe inkemba enqulwini yakhe, adabule enkanjini, ehle enyuka kusukela kwelinye isango kuya kwelinye isango enkanjini, yilowo nalowo abulale umfowabo, umngani wakhe, nomakhelwane wakhe.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Wathi kubo: “Isho kanje iNkosi uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, ithi: ‘Bekani, kube yilowo nalowo inkemba yakhe eceleni kwakhe, ningene, niphume esangweni, niye esangweni, phakathi kwekamu lonke, nibulale, kube yilowo nalowo umfowabo, kube yilowo nalowo umfowabo. Umngane, ngulowo lalowo umakhelwane wakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:27
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, uJehu wathi kubalindi nasezinduneni: “Ngenani, nibabulale, kungaphumi muntu.” Bababulala ngosiko lwenkemba. Abalindi nezinduna babantshinga phandle, bangena ekamelweni eliphakathi lendlu kaBali.


uMose wayesema esangweni lekamu,* wathi: “AbakaJehova mabeze kimi.” Onke amadodana kaLevi ayesebuthana kuye.


Amadodana kaLevi enza njengezwi likaMose, kwawa ngalolo suku abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu.


Wayesethi uMose: “Njengalokhu yilowo nalowo emelene nendodana yakhe nanomfowabo, manizahlukanisele namuhla kuJehova ukuba aninike isibusiso namuhla.”


Kwamanye washo ezindlebeni zami, wathi: “Dabulani emzini emva kwayo, nibulale, iso lenu lingahawukeli, ningabi nabubele,


UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”


“Uma umuntu eza kimi engamzondi uyise, nonina, nomkakhe, nabantwana, nabafowabo, nawodadewabo, yebo, nokuphila kwakhe, angebe ngumfundi wami.


Kanjalo thina asisayikwazi umuntu ngokwenyama; nokuba besimazi uKristu ngokwenyama, nokho manje asisamazi.


Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


“Uma umfowenu, indodana yakho, noma indodakazi yakho, noma umkakho osesifubeni sakho, noma umngane wakho onjengomphefumulo wakho ekuyenga ngasese, ethi: ‘Masiye ukukhonza abanye onkulunkulu ongabaziyo,’ wena nawoyihlo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ