Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kwathi esasondela ekamu,* wabona ithole nokusina; ulaka lukaMose lwase luvutha, wazilahla izibhebhe ezandleni zakhe, wazaphula phansi kwentaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Kuthe esesondele enkanjini, wabona ithole nokusina, wathukuthela wagana unwabu, wazilahla phansi izibhebhe ayeziphethe, wazephula phansi kwentaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Wathi esondela ekamu, wabona ithole nokusina, intukuthelo kaMose yavutha, waphonsa izibhebhe ezandleni zakhe, waziphihliza phansi kwentaba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:19
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


Ukuvutha kolaka kungibambile ngenxa yababi abashiya umthetho wakho.


UMiriyamu umprofethikazi, udadewabo ka-Aroni, waphatha isigubhu ngesandla sakhe; bonke abesifazane baphuma emva kwakhe bephethe izigubhu, besina.


UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?


Wathi: “Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.”


UJehova wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe njengezokuqala, ngilobe ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphulayo.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


Intokozo yenhliziyo yethu iphelile; ukusina kwethu kuphenduke ukulila.


Ngase ngiyinqamula intonga yami yesibili, uZibopho, ukuba ngaphule ubuzalwane phakathi kukaJuda no-Israyeli.


Kodwa lowo muntu uMose wayemnene kunabo bonke abantu ababesebusweni bomhlaba.


Kepha mina ngithi kini: Yilowo nalowo othukuthelela umfowabo uyakuba necala lokwahlulelwa; noshoyo kumfowabo ukuthi: ‘Silima,’ uyakuba necala emphakathini; noshoyo ukuthi: ‘Siwula,’ uyakuba necala lokulahlwa esihogweni somlilo.


Kodwa uJesu ekubona wathukuthela, wathi kubo: “Vumelani abantwana beze kimi, ningabenqabeli, ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo.


Waqalaza ebabuka ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo; wayesethi kulowo muntu: “Yelula isandla.” Waselula, saphiliswa isandla sakhe.


Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.”


Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele.


Ngiyakuloba ezibhebheni amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazaphula, uzifake emphongolweni.’


“ ‘Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alo mthetho ukuba awenze.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ