Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 UJoshuwa wezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona umsindo wempi ekamu.”*

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bememeza, wathi kuMose: “Kunomsindo wempi enkanjini.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Lapho uJoshuwa ezwa umsindo wabantu bekhamuluka, wathi kuMose: “Kukhona impi ekamu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:17
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

noNuni indodana yakhe, noJoshuwa indodana yakhe.


Ekuzwakaleni kwecilongo lithi: ‘Nakho-ke;’ lihogela ukulwa kusekude, nendumo yezinduna nokumemeza kwazo.


Shayani izandla, zizwe zonke; hlokomani kuNkulunkulu ngezwi lokuhalalisa.


UMose wathi kuJoshuwa: “Sikhethele amadoda, uphume ulwe no-Amaleki; kusasa ngizakuma esiqongweni sentaba, induku kaNkulunkulu isesandleni sami.”


Wasuka uMose nenceku yakhe uJoshuwa; uMose wakhuphukela entabeni kaNkulunkulu.


Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.


Wathi: “Akusilo izwi labahalalisa ngokunqoba, akusilo izwi lokukhala ngokunqotshwa, kepha ngizwa umsindo wabahlabelelayo.”


Bavuka ekuseni ngakusasa, banikela ngeminikelo yokushiswa, baletha iminikelo yokuthula; abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze; bavuka ukuyodlala.


UJehova Sebawoti uzifungile wathi: Noma ngikugcwalisile ngabantu njengangezinkumbi, bayakuhalalisa nokho ngawe.


Kepha ngiyakuphemba umlilo ogangeni lwaseRaba, uqede izindlu zalo zamakhosi ngokumemeza ngosuku lokulwa, nangesiphepho ngosuku lwesivunguvungu.


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaMowabi, uqede izindlu zamakhosi zaseKeriyote, uMowabi afe ngokuxokozela, nangokumemeza, nangokukhala kwecilongo.


UJoshuwa wayala abantu, wathi: “Aniyikukhamuluka; ningalizwakalisi izwi lenu, kungaphumi gama emlonyeni wenu, kuze kufike usuku engiyakuthi ngalo kini: ‘Khamulukani!’ Bese nikhamuluka.”


Kwathi ngokwesikhombisa abapristi sebebethile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Khamulukani, ngokuba uJehova uninikile umuzi.


Abantu base bekhamuluka, amacilongo abethwa; kwathi lapho abantu bezwe ukukhala kwecilongo, abantu bakhamuluka ngokukhamuluka okukhulu, ugange lwawela phansi endaweni yalo, abantu benyukela emzini, yilowo nalowo waqonda phambili nje, bawuthatha umuzi.


Kuyakuthi lapho bekhalisa kade uphondo lwejubili* nalapho nilizwa izwi lecilongo, bonke abantu bakhamuluke ngokukhamuluka okukhulu, ugange lomuzi luwele phansi endaweni yalo, abantu bakhuphuke, yilowo nalowo aqonde phambili nje.”


Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.


UDavide wavuka ekuseni kakhulu, washiya izimvu kumlindi, wathatha, wahamba, njengalokho uJese amyale ngakho; wafika enqabeni yezinqola, impi isaphuma ukuyakuhlelwa, yahlaba umkhosi.


Abantu bakwa-Israyeli nabakwaJuda basuka bakhamuluka, bawaxosha amaFilisti kwaze kwaba seGayi nasemasangweni ase-Ekroni. Abalimeleyo bamaFilisti bawa ngasendleleni eya eShaharayimi, kwaze kwaba seGati nase-Ekroni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ