Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:15 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 UMose waphenduka, wehla entabeni enezibhebhe zombili zobufakazi esandleni sakhe, izibhebhe ezazilotshwe nxazombili, zalotshwa ngalapha nangalapha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

15 UMose waphenduka, wehla entabeni ephethe ezandleni zakhe izibhebhe ezimbili zesivumelwano ezazibhalwe nxazombili, zibhalwe ngaphambili nangemuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

15 UMose waphenduka wehla entabeni, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sakhe; amatafula ayechazwe nhlangothi zombili; kulotshiwe ngalapha nangalapha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:15
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Ngase ngiphenduka ngehla entabeni, intaba yavutha umlilo; izibhebhe zombili zesivumelwano zazisezandleni zami zombili.


Ngase ngibona esandleni sokunene sakhe owayehlezi esihlalweni sobukhosi incwadi ilotshiwe ngaphakathi nangaphandle, inamathelisiwe ngezimpawu eziyisikhombisa.


Umthetho kaJehova uphelele, uvusa umphefumulo; ukufakaza kukaJehova kuqinisile, kuhlakaniphisa oyisiwula.


“Lawo mazwi uJehova wawakhuluma kuyo yonke inhlangano yenu entabeni, evela phakathi komlilo, nefu, nesigayegaye, ngezwi elikhulu, akathasiselanga lutho. Wawaloba ezibhebheni ezimbili zamatshe, wanginika zona.


Wathabatha, wabufaka ubufakazi emphongolweni, wafaka izinti emphongolweni, wabeka isihlalo somusa phezu komphongolo.


Eseqedile ukukhuluma noMose entabeni yaseSinayi wamnika izibhebhe zombili zobufakazi, izibhebhe zamatshe, zilotshiwe ngomunwe kaNkulunkulu.


UMose wangena efwini, wakhuphukela entabeni; uMose wayesentabeni izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane.


Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.


nibonakala ukuthi niyincwadi kaKristu eyenziwe ngokukhonza kwethu, ilotshiwe kungengoyinki* kodwa ngoMoya kaNkulunkulu ophilayo, kungabi sezibhebheni zamatshe kodwa ezibhebheni eziyizinhliziyo zenyama.


Kepha uma inkonzo yokufa, enamagama aqoshiwe ematsheni, yafika inenkazimulo, ngangokuba abantwana bakwa-Israyeli babengenakubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe eyayingephelayo,


eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


UJehova wayesethi kuMose: “Khuphukela kimi entabeni, uhlale khona, ngikunike izibhebhe zamatshe, nomthetho, nemiyalelo engiyibhalile ukuba ubafundise yona.”


Izibhebhe zazingumsebenzi kaNkulunkulu, nokuloba kwakungukuloba kukaNkulunkulu, kuqoshiwe ezibhebheni.


Kwathi uMose esehla entabeni yaseSinayi, izibhebhe zombili zobufakazi zisesandleni sikaMose esehla entabeni, uMose wayengazi ukuthi isikhumba sobuso bakhe sasikhazimula ngenxa yokukhuluma kwakhe naye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ