Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 32:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 UMose wamshweleza uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esiqinileyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 UMose wamncenga uJehova uNkulunkulu wakhe, wathi: “Jehova, ulaka lwakho luvuthelani abantu bakho owabakhipha ezweni laseGibithe ngamandla amakhulu nangesandla esinamandla na?

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 32:11
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha.


Ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha ezweni laseGibithe nasesithandweni sensimbi,


“Bayizinceku zakho nabantu bakho obahlengile ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esiqinileyo.


Wathi ubezakubabhubhisa, uma uMose okhethiweyo wakhe ebengemanga ebusweni bakhe ukubakhulumela, ukuze amyekise intukuthelo yakhe, funa ababhubhise.


UJehova wakhuluma kuMose, wathi: “Hamba wehle, ngokuba abantu bakho owabakhuphula ezweni laseGibithe benzile isono;


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Khona uFaro wababiza oMose no-Aroni, wathi: “Ncengani uJehova ukuba asuse amasele kimi nakubantu bami; ngizakuvumela abantu ukuba bahambe, bahlabele uJehova.”


Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho, uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na? Buya ngenxa yezinceku zakho, izizwe zefa lakho.


Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.


“Bheka, Jehova, ubone ukuthi wenzile kanjalo kubani. Abesifazane bayakudla yini izithelo zabo, izingane eziphathiweyo kahle, na? Abaprofethi nabapristi bayakubulawa endlini engcwele yeNkosi, na?


Ngakwenza ngenxa yegama lami ukuba lingangcoliswa emehlweni ezizwe ababephakathi kwazo, nengazazisa emehlweni azo kubo ngokubakhipha ezweni laseGibithe.


“Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.


Abapristi, izikhonzi zikaJehova, mabakhale phakathi kompheme ne-altare, bathi: “Hawukela abantu bakho, Jehova, unganikeli isabelo sakho sibe yinhlamba, ukuze abezizwe bababhinqe; yini ukuba basho phakathi kwabantu, bathi: ‘Uphi uNkulunkulu wabo na?’ ”


UMose wathi kuJehova: “Uyiphatheleni kabi inceku yakho na? Angifumananga ngani umusa emehlweni akho ukuba ubeke umthwalo wabo bonke laba bantu phezu kwami na?


UMose wathi kuJehova: “Khona abaseGibithe bayakukuzwa, ngokuba wakhuphula laba bantu ngamandla akho phakathi kwabo,


Bawa ngobuso babo, bathi: “Nkulunkulu, Nkulunkulu wemimoya yenyama yonke, kona umuntu munye, uthukuthelele inhlangano yonke, na?”


Abantu bafika kuMose, bathi: “Sonile, ngokuba sikhulume kabi ngoJehova nangawe; khuleka kuJehova ukuba asuse izinyoka kithi.” UMose wabakhulekela abantu.


Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”


“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ