Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “U-Aroni uyoshisa impepho enuka kamnandi njalo ekuseni, uyokuyishisa njalo ekuseni lapho elungisa izibani.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 U-Aroni kumelwe ashise amakha kulo njalo ekuseni;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:7
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.


USolomoni wathumela kuHiramu inkosi yaseTire, wathi: “Njengalokho wakwenza kuDavide ubaba, wathuma kuye imisedari,* azakhele ngayo indlu ukuba ahlale kuyo, yenze njalo nakimi.


Bheka, ngiyakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu ukuba ngimngcwelisele yona, ngishise phambi kwakhe impepho ethaphukayo, kubekwe njalo izinkwa zokubukwa, kunikelwe ngeminikelo yokushiswa ekuseni nakusihlwa ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nangemikhosi emisiweyo kaJehova uNkulunkulu wethu. Lokhu kungumthetho kwa-Israyeli kuze kube phakade.


bamelana no-Uziya inkosi, bathi kuye: “Akusikho okwakho, Uziya, ukushisela uJehova impepho, kungokwabapristi, amadodana ka-Aroni, abangcweliselwe ukushisa impepho; phuma endlini engcwele, ngokuba wenze isiphambeko; futhi awuyikuba nodumo oluvela kuJehova uNkulunkulu.”


Bavala nezivalo zompheme, bacima izibani, abashisanga impepho, abanikelanga ngeminikelo yokushiswa endaweni engcwele kuNkulunkulu ka-Israyeli.


Umkhuleko wami mawube njengempepho ebusweni bakho, nokuphakanyiswa kwezandla zami njengomnikelo wakusihlwa.


UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,


Ulibeke phambi kwesihenqo esingasemphongolweni wobufakazi, ngaphambi kwesihlalo somusa esiphezu kobufakazi, lapho ngiyakuhlangana khona nawe.


Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.


Washisa lapho impepho yamakha athaphukayo, njengalokho uJehova emyalile uMose.


noma yikuphi afungile amanga ngakho; makakubuyise, athasisele okwesihlanu kukho, amnike lowo okungokwakhe ngosuku lomnikelo wakhe wecala.


ibe yisikhumbuzo kubantwana bakwa-Israyeli, ukuze umfokazi ongesiye owenzalo ka-Aroni angasondeli ukushisa impepho phambi kukaJehova, angabi njengoKora neviyo lakhe, njengalokho uJehova wakhuluma kuye ngesandla sikaMose.


nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,


ngokomthetho wobupristi kwaba nguye owabelwa ukungena ethempelini leNkosi, azoshisa impepho.


Kepha thina sizakuqinisela ekukhulekeni nasenkonzweni yezwi.”


Bafundisa uJakobe izahlulelo zakho, no-Israyeli umthetho wakho; babeka impepho phambi kwamakhala akho, nomnikelo oshiswa wonke e-altare lakho.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ