Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJehova wathi kuMose: “Zithabathele amakha athaphukayo, inathafi* neshehelethe* nehelibena,* amakha kanye nenhlaka ecwengekileyo, kulingane konke,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 USimakade wathi kuMose: “Thatha amakha anuka kamnandi: inathafi, ishehelethe, ihelibena, namakha empepho ecwengekileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJehova wayesethi kuMose: “Zithathele amakha amnandi, isitakidi, neonikha, negalbhanu; lezi ziqholo nenhlaka ecwengekileyo, isisindo ngasinye sibe sinye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:34
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

wayemlungisele ikamelo elikhulu, lapho kade bebeka khona iminikelo yempuphu, nenhlaka, nezitsha, nokweshumi kwamabele, newayini, namafutha, okwakunqunyelwe ngomthetho amaLevi, nabahlabeleli, nabalindisango, kanye neminikelo yabapristi.


namafutha okukhanyisa, namakha amafutha okugcoba nawempepho ethaphukayo,


“Zithabathele amakha amahle, imure* eliphumayo lamashekeli* angamakhulu ayisihlanu, nokinamona* othaphukayo wenxenye yalokho, okungukuthi amakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nekalamu* elithaphukayo lamakhulu amabili namashumi ayisihlanu,


Yilowo nalowo owathaka anjengawo nalowo owathela kumfokazi uyakunqunywa kubantu bakubo.’ ”


wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;


“U-Aroni woshisa kulo impepho yamakha athaphukayo; njalo ekuseni, nxa elungisa izibani, uyakuyithunqisa.


namafutha okugcoba, nempepho yamakha athaphukayo yendawo engcwele, yebo, zenze njengakho konke engikuyale ngakho.”


ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;


Wawenza amafutha angcwele okugcoba, nempepho enhle yamakha athaphukayo, ngokobungcweti bomthaki.


Ngubani owenyuka ehlane njengezinsika zomusi, eqhole ngemure* nangenhlaka, nangawo onke amakha omthengi, na?


Awulethanga kimi izimvu zakho zomnikelo wokushiswa, awungidumisanga ngemihlatshelo yakho; angikukhonzisanga ngeminikelo, angikudinisanga ngenhlaka.


Wothabatha umcengezi womlilo ogcwele amalahle omlilo ase-altare phambi kukaJehova, izandla zakhe zigcwele impepho ethaphukayo icolisisiwe, akulethe ngaphakathi kwesihenqo,


“ ‘Nxa umuntu enikela ngomnikelo wempuphu kuJehova, umnikelo woba yimpuphu ecolekileyo, athele amafutha kuwo, abeke inhlaka kuwo,


uthele amafutha kuwo, ubeke inhlaka phezu kwawo; kungumnikelo wempuphu.


Uyakubeka inhlaka ecwengekileyo ezinqwabeni zombili, ibe yisikhumbuzo esinkweni nomnikelo womlilo kuJehova.


“ ‘Kepha uma amandla akhe enganeli amahobhe amabili noma amaphuphu amabili amajuba, makalethe umnikelo wakhe ngalokho one ngakho, okweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo, ube ngumnikelo wesono, angatheli mafutha phezu kwawo, angabeki nhlaka phezu kwawo, ngokuba kungumnikelo wesono,


“Imfanelo ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi iyakuba ngamafutha okukhanyisa nempepho ethaphukayo, nomnikelo wempuphu wemihla yonke, namafutha okugcoba; imfanelo yakhe iyitabernakele* lonke nakho konke okukulo, indlu engcwele nezinto zayo.”


nenkezo yegolide engamashekeli* ayishumi egcwele impepho,


Zase zingena endlini, zabona umntwana noMariya unina, zawa phansi, zakhuleka kuye, zavula amagugu azo, zamkhunga ngezipho: igolide namakha nenhlaka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ