Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 “Uyakwenza umcengezi wethusi, nesinqe sawo sethusi, ukuba kugezelwe kuwo, uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 “Uyokwenza indishi yethusi yokugezela, ibe nesinqe sethusi, uyoyibeka phakathi kwethende lokuhlangana ne-althare, uthele amanzi kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Kumelwe wenze umcengezi wethusi nonyawo lwawo lube ngethusi okuzogezwa ngalo; uwubeke phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:18
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingelezi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.


Wenza imicengezi eyishumi ngethusi; umcengezi munye wawulingene namabhati* angamashumi amane; yilowo nalowo mcengezi wawuyizingalo ezine, naphezu kwezinqe eziyishumi ngazinye kwakukhona umcengezi munye.


Wenza nolwandle olubunjiweyo; lwaluyizingalo eziyishumi kusukela kolunye udini kuze kufike kolunye, lwaluyisiyingilizi; ukuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyisihlanu; umucu oyizingalo ezingamashumi amathathu waluzungeza nxazonke.


Wenza imicengezi eyishumi, wabeka eyisihlanu ngakwesokunene neyisihlanu ngakwesokhohlo ukuhlambela kuyo; okweminikelo yokushiswa babekugezela kuyo, kepha ulwandle lwalungolokuhlambela abapristi.


ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,


Wawenza umcengezi wethusi nesinqe sawo ngethusi lezibuko zabesifazane abahlangana ukuyokhonza ngasemnyango wetende lokuhlangana.


Ubeke umcengezi phakathi kwetende lokuhlangana ne-altare, uthele amanzi kuwo.


Gcina unyawo lwakho, lapho uya endlini kaNkulunkulu, ngokuba ukusondela ukuyokuzwa kungcono kunokunikela ngomhlatshelo weziwula, ngokuba azazi ukuthi zenza okubi.


Wafafaza ngawo i-altare kasikhombisa, waligcoba i-altare kanye nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo, ukuba kungcweliswe.


“Ngalolo suku kuyakuba khona umthombo ovulelwa izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


wasisindisa kungengamisebenzi yokulunga esayenzayo thina kepha ngokwesihawu sakhe ngesigezo sokuphindukuzalwa nokwenziwa sibe basha ngoMoya oNgcwele,


kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena uqobo esekukhanyeni, khona sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu iNdodana yakhe liyasihlambulula ezonweni zonke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ