Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 30:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Uyakwenza i-altare lokushisa impepho, ulenze ngomuthi womtholo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “Uyokwenza i-althare okuyoshiswa kulo impepho, uyolenza ngokhuni lomkhambathi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uyakwenza i-altare lokushisa impepho; ulenze ngomuthi womtholo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 30:1
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Phambi kwegumbi kwakuyizingalo ezingamashumi amabili ubude, nezingalo ezingamashumi amabili ngobubanzi, nezingalo ezingamashumi amabili ngokuphakama; wakunameka ngegolide elicwengekileyo, walembesa i-altare imisedari.*


Wanameka-ke yonke indlu ngegolide, yaze yaphelela indlu yonke; ne-altare lonke elalisegumbini walinameka ngegolide.


USolomoni wenza-ke zonke izinto ezazisendlini kaJehova: i-altare legolide, netafula legolide okwakukhona kulo izinkwa zokubukwa,


nange-altare lempepho legolide elicwengekileyo isisindo salo, nesifanekiso senqola, namakherubi* egolide ayelula amaphiko awo, asibekela umphongolo wesivumelwano sikaJehova.


Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.


Kepha lapho eseziqinisile, inhliziyo yakhe yazikhukhumeza kwaze kwaba ngukubhubha kwakhe, waphambuka kuJehova uNkulunkulu wakhe, wangena ethempelini likaNkulunkulu ukuba ashise impepho e-altare lempepho.


U-Aroni uyakwenzela izimpondo zalo ukubuyisana kanye ngomnyaka; ngegazi lomnikelo wesono wokubuyisana kanye ngomnyaka uyakulenzela ukubuyisana ezizukulwaneni zenu; lingcwelengcwele kuJehova.”


Ubude balo bube yingalo, nobubanzi balo bube yingalo, libe nezinhlangothi ezine ezilingeneyo; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezimbili, izimpondo zalo zibe kunye nalo.


netafula nezitsha zalo, nothi oluhle lwezibani nezitsha zonke zalo, ne-altare lempepho,


ne-altare lempepho nezinti zalo, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango ngasemnyango wetabernakele;


ne-altare legolide, namafutha okugcoba, nempepho ethaphukayo, neveli lomnyango wetende;


Ubeke i-altare legolide lempepho phambi komphongolo wobufakazi, ulengise iveli lomnyango wetabernakele.


I-altare lalingumuthi, ukuphakama kwalo kuyizingalo ezintathu, nobude balo buyizingalo ezimbili; lalinamagumbi; ubude balo nezindonga zalo kwakungumuthi; wathi kimi: “Lokhu kuyitafula eliyakuba ngaphambi kukaJehova.”


Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.


“E-altare legolide bayakwendlala indwangu eluhlaza, bayisibekele ngesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.


eline-altare legolide lokuthunqisa nomphongolo wesivumelwano umboziwe ngegolide nxazonke, okwakukhona kuwo isitsha segolide esiphethe imana*, nenduku ka-Aroni eyahlumayo, nezibhebhe zesivumelwano;


Kwase kufika enye ingelosi, yema ngase-altare inesitsha segolide sempepho, yanikwa impepho eningi ukuba iyelekele emikhulekweni yabangcwele bonke phezu kwe-altare legolide eliphambi kwesihlalo sobukhosi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ