Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 3:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Ngiyakunika lesi sizwe umusa emehlweni abaseGibithe, kuze kuthi lapho nisuka, aniyikuhamba ningaphethe lutho,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 “Ngiyakunenzela umusa emehlweni abaseGibhithe. Lapho senihamba, aniyukuphuma nilambatha,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Futhi ngizonika laba bantu umusa emehlweni aseGibhithe, futhi lapho nihamba, ngeke nihambe nize.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 3:21
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.


Kepha uJehova wayenaye uJosefa, wamupha umusa, wamenzela ububele emehlweni omlindi wetilongo.


uthethelele abantu bakho abonile kuwe nazo zonke iziphambeko zabo abaphambeke kuwe ngazo, ubanike ukuba bathole isihe phambi kwababathumbayo ukuba babaphathe ngesihe.


Ngicela, Nkosi, ukuba indlebe yakho izwe umkhuleko wenceku yakho nomkhuleko wezinceku zakho ezithokoza ngokwesaba igama lakho, uhlahlamelise inceku yakho namuhla, uyinike umusa emehlweni alo muntu.” Bheka, ngangingumphathisitsha wenkosi.


Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


Wabatholisa ububele ebusweni babo bonke ababebathumbile.


Khuluma manje ezindlebeni zabantu ukuba yilowo nalowo mlisa acele kumakhelwane wakhe, yilowo nalowo wesifazane acele kumakhelwane wakhe izinto zesiliva nezinto zegolide.”


UJehova wabapha abantu umusa emehlweni abaseGibithe. Futhi lowo muntu uMose wayemkhulu kakhulu ezweni laseGibithe emehlweni ezinceku zikaFaro nasemehlweni abantu.


Abantwana bakwa-Israyeli benza-ke njengezwi likaMose; bacela kwabaseGibithe izinto zesiliva, nezinto zegolide, nezingubo.


UJehova wabenzela abantu umusa emehlweni abaseGibithe, babapha lokho abakucelayo. Babaphundla abaseGibithe.


Lapho izindlela zomuntu zimthokozisa uJehova, uzenza nezitha zakhe ukuba zihlalisane kahle naye.


wamkhipha kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamupha umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; yena wammisa abe ngumbusi eGibithe nakuyo yonke indlu yakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ