Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 3:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Ngiyakwelula isandla sami ngilishaye iGibhithe ngezimangaliso engiyakuzenza kulo; emveni kwalokho iyakunikhulula nihambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngiyakwelula isandla sami, ngilehlule iGibithe ngezimangaliso zami zonke engiyozenza kulo; emva kwalokho uyakunivumela ukuba nihambe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 3:20
30 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi.


wenza izibonakaliso nezimangaliso kuFaro nasezincekwini zakhe zonke, nakubo bonke abantu bezwe lakhe, ngokuba wazi ukuthi babebaqholoshela, wazenzela igama, njengalokhu kunjalo nanamuhla.


Benza phakathi kwabo izibonakaliso zakhe nezimangaliso ezweni likaHamu.


IGibithe lajabula ekuphumeni kwabo, ngokuba ukwesaba kwabehlela.


izimangaliso ezweni likaHamu nokwesabekayo ngaseLwandle Olubomvu.


UJehova wayesethi kuMose: “Ngisezakuletha inhlupheko eyodwa kuFaro nakulo iGibithe; ngasemuva uyakunivumela ukuba nisuke lapha; yebo, nxa eniyeka ukuba nihambe, uzakunixosha nokunixosha lapha.


Ngenhlama abaphuma nayo eGibithe benza amaqebelengwane angenamvubelo, ngokuba yayingavutshelwe, lokhu baxoshwa eGibithe bengenakulibala, futhi bengazilungiselanga mphako.


UMose wayesethi kubantu: “Khumbulani lolu suku eniphume ngalo eGibithe, indlu yobugqila, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova unikhiphile kule ndawo: akuyikudliwa sinkwa esivutshelweyo.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


“Ngubani onjengawe Jehova phakathi kwawonkulunkulu; ngubani onjengawe okhazimula ngobungcwele, owesabeka ngezibongo, owenza izimangaliso, na?


“Isandla sakho sokunene, Nkosi, sidumisekile ngamandla aso; esokunene sakho, Nkosi, siyaphahlaza isitha.


UJehova wathi kuMose: “Ekuhambeni kwakho usubuyela eGibithe bhekisisa ukuba wenze ebusweni bukaFaro zonke izimangaliso engizibeke esandleni sakho; kepha mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yakhe; akayikubayeka abantu ukuba bahambe.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


Ngokuba ngase ngiselule isandla sami, ngakushaya wena nabantu bakho ngesifo, uze uchitheke emhlabeni,


UJehova uyakulishaya iGibithe, elishaya, abeseliphulukisa; bayakubuyela kuJehova, bamncenge, abaphulukise.


Jehova, isandla sakho siphakeme, kepha kababoni; kodwa mababone ukushisekela kwakho abantu, babe namahloni; yebo, umlilo uyakuqeda izitha zakho.


Kuphila kwami, isho iNkosi uJehova, impela ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo ngiyakuba yinkosi phezu kwenu.


“Njengasezinsukwini zokuphuma kwakho ezweni laseGibithe ngiyakubabonisa izimangaliso.”


Yena lowo wabakhipha enza izimangaliso nezibonakaliso ezweni laseGibithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


uJehova wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu nezesabekayo phezu kweGibithe, naphezu kukaFaro, naphezu kwayo yonke indlu yakhe phambi kwamehlo ethu,


uJehova wathuma umprofethi kubantwana bakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Ngakukhuphula eGibithe, ngakukhipha endlini yobugqila,


Wayesebamba amalunga omuzi, nameva asehlane, namazinyo ezinqola zokubhula, wagalela ngawo abantu baseSukoti.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ