Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 28:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 Uyokugqokisa u-Aroni, umfowenu namadodana akhe. Uyobagcoba, ubabeke, ubangcwelise ukuba bangikhonze bengabaphristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Uyakugqokisa u-Aroni umfowenu namadodana akhe kanye naye; ngibagcobe, ngibangcwelise, ngibangcwelise, ukuze bangikhonze njengabapristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 28:41
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.


Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


ubeke konke ezandleni zika-Aroni nasezandleni zamadodana akhe, ukuzulise kube ngumnikelo wokuzuliswa phambi kukaJehova.


“Uyakwenze njalo ku-Aroni nakumadodana akhe, njengakho konke engikuyale ngakho; ukwahlukanisela kuyakuba yizinsuku eziyisikhombisa.


Uthabathe amafutha okugcoba, uwathele ekhanda lakhe, umgcobe.


Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.


wenze ngakho impepho, amakha njengokwenza komthaki, ethelwe ngosawoti, enhle, engcwele;


Umembathise u-Aroni izambatho ezingcwele, umgcobe, umngcwelise ukuba angikhonze esikhundleni sobupristi.


uwagcobe, njengalokho wamgcoba uyise, ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, ukugcotshwa kwabo kube ngubupristi obuphakade kubo ezizukulwaneni zabo.”


Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,


UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami, ngokuba uJehova ungigcobile ukuba ngishumayele izindaba ezinhle kwabathotshisiweyo; ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo, nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,


Izinsuku eziyisikhombisa bayakwenzela i-altare ukubuyisana, balihlambulule, balingcwelise.


Ningaphumi emnyango wetende lokuhlangana, funa nife, ngokuba amafutha okugcoba kaJehova aphezu kwenu.” Benza-ke njengezwi likaMose.


Uyakugeza umzimba wakhe ngamanzi endaweni engcwele, agqoke izambatho zakhe, aphume, anikele ngomnikelo wakhe wokushiswa nangomnikelo wokushiswa wabantu, azenzele yena nabantu ukubuyisana.


wakhuluma kuKora nakulo iviyo lakhe, wathi: “Kusasa uJehova uyakwazisa ukuthi ngubani ongowakhe nokuthi ngubani ongcwele, amsondeze kuye; lowo ayakumkhetha uyakumsondeza kuye.


Yilawo angamagama amadodana ka-Aroni, abapristi abagcotshiweyo, abahlukaniselwa ukukhonza esikhundleni sobupristi.


Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela.


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.


Ngokuba umthetho umisa abantu babe ngabapristi abakhulu abanobuthakathaka, kepha izwi lesifungo elalandela umthetho limisa iNdodana epheleliswe kuze kube phakade.


Nina ninokugcotshwa okuvela koNgcwele, niyazi nonke.


Nina-ke, ukugcoba enakwamukela kuye kuhlala kini, anidingi ukuba nobani anifundise; kodwa lokhu ukugcoba kwakhe okunifundisa khona ngakho konke kuyiqiniso, akusiwo amanga, nanjengokuba kunifundisile, hlalani kuye.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ