Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 28:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Yilezi izambatho abayakuzenza: isihlangu sesifuba, nengubo yamahlombe, nejazi, nebhantshi elifekethisiweyo, nesigqoko, nebhande,* bamenzele u-Aroni umfowenu namadodana akhe izambatho ezingcwele ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Yilezi izingubo abayozithunga: isivikelo sesifuba, ingubo yamahlombe, ingubo, ibhantshi elihlotshisiweyo, umshuqulo, nombhunkulo. Lapho bethungela u-Aroni namadodana akhe lezi zingubo ezingcwele ukuze bangikhonze bengabaphristi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Futhi lezi yizingubo abayozenza; isihlangu sesifuba, nendwangu yamahlombe, nejazi, nejazi elelukiweyo, nesigqoko, nebhande; futhi kumelwe benzele umfowenu u-Aroni namadodana akhe izingubo ezingcwele, ukuze angikhonze njengompristi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 28:4
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wasina phambi kukaJehova ngamandla akhe onke; uDavide wayebhince ingubo yamahlombe yelineni.


namatshe amashohamu,* namatshe okufakwa, awengubo yamahlombe nawesihlangu sesifuba.


ufake isigqoko ekhanda lakhe, ubeke umqhele ongcwele esigqokweni.


nesigqoko selineni elicolekileyo, nezinye izigqoko ezinhle zelineni elicolekileyo, namabhulukwe elineni ngelineni elicolekileyo lemicu ephothiweyo,


Ukulunga kuyakuba yibhande* lezinkalo zakhe, ukuthembeka kube yibhande lamanyonga akhe.


Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi, nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe; wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha, wazembesa ukushisekela njengengubo.


Ngokuba izinsuku eziningi abantwana bakwa-Israyeli bayakuhlala bengenankosi, bengenasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.*


Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga,


kepha thina esingabemini masiqonde, sifake isivikelo sesifuba sokukholwa nesothando, isigqoko sibe yithemba lokusindiswa;


Nakanjalo ngabona ngombono amahhashi nabakhwele kuwo benezivikelo zezifuba, zibomvu njengomlilo nezehiyakinte* nezesibabule; namakhanda amahhashi ayenjengamakhanda ezingonyama, nasemilonyeni yawo kuphuma umlilo, nomusi, nesibabule.


USamuweli wakhonza phambi kukaJehova esengumntwana, egqoke ingubo yamahlombe yelineni.


Inkosi yathi kuDowegi: “Sondela wena, usukele abapristi.” UDowegi wabakwa-Edomi wasondela, wabasukela abapristi, wabulala ngalolo suku abantu abangamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu, abembethe ingubo yamahlombe yelineni.


Kwathi lapho u-Abiyathara indodana ka-Ahimeleki ebaleka eya kuDavide eKeyila, wehla, ingubo yamahlombe isesandleni sakhe.


UDavide wathi ku-Abiyathara umpristi, indodana ka-Ahimeleki: “Ake ulethe kimi ingubo yamahlombe.” U-Abiyathara wayiletha ingubo yamahlombe kuDavide.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ