Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 28:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Sondeza kuwe u-Aroni umfowenu namadodana akhe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 “Thatha umfowenu u-Aroni namadodana akhe kanye naye kubantwana bakwa-Israyeli ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi, o-Aroni, noNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari, amadodana ka-Aroni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 28:1
33 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade.


uJohanani wazala u-Azariya; nguye owayengumpristi ethempelini elakhiwa nguSolomoni eJerusalema;


Ngokuba amaLevi ashiya amadlelo awo nefa lawo, aya kwaJuda naseJerusalema, ngokuba uJerobowamu namadodana akhe bawalahla ukuba angabe esaba ngabapristi bakaJehova,


O wena ndlu ka-Aroni, themba kuJehova; yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.


OMose no-Aroni babe phakathi kwabapristi bakhe; uSamuweli wayephakathi kwabakhulekayo egameni lakhe. Bakhuleka kuJehova, yena waphendula.


Wathi kuMose: “Khuphukela kuJehova, wena no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli, nikhuleke nikude.


Khona bakhuphuka oMose, no-Aroni, noNadabi, no-Abihu, namalunga angamashumi ayisikhombisa akwa-Israyeli.


Wembathise zona u-Aroni umfowenu namadodana akhe, ubagcobe, ubahlukanisele, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


“Yilokhu oyakukwenza kubo ukubahlukanisa ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi: thabatha iduna nezinqama ezimbili ezingenasici,


“Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


Ubabhincise amabhande* u-Aroni namadodana akhe, uzibophe izigqoko kubo, babe nobupristi, kube yisimiso esiphakade, wahlukanise u-Aroni namadodana akhe.


“Wobagcoba u-Aroni namadodana akhe, ubangcwelise ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


nezingubo ezifekethisiweyo, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi nezambatho zamadodana akhe zokuba bakhonze esikhundleni sobupristi,


nezambatho ezifekethisiweyo zokukhonza endaweni engcwele, nezambatho ezingcwele zika-Aroni umpristi, nezambatho zamadodana akhe zokukhonza esikhundleni sobupristi.”


U-Aroni wazithathela u-Elisheba indodakazi ka-Aminadaba, udadewabo kaNaheshoni, abe ngumkakhe; wamzalela oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari.


ONadabi no-Abihu amadodana ka-Aroni bathatha bobabili imicengezi yabo yomlilo, bafaka umlilo kuyo, babeka impepho phezulu, banikela phambi kukaJehova ngomlilo ongafanele, angabayalanga ngawo.


UMose wakhuluma ku-Aroni naku-Eleyazare naku-Itamari amadodana akhe aseleyo, wathi: “Thathani umnikelo wempuphu osele eminikelweni yomlilo kaJehova, niwudle ungenamvubelo ngaseceleni kwe-altare, ngokuba ungcwelengcwele,


Leso siyisabelo sika-Aroni nesabelo samadodana akhe seminikelo yomlilo kaJehova mhla ebaletha ukuba bamkhonze uJehova esikhundleni sobupristi,


“Thabatha u-Aroni namadodana akhe kanye naye, nezambatho, namafutha okugcoba, nenkunzi yomnikelo wesono, nezinqama zombili, neqoma lezinkwa ezingenamvubelo,


Wena namadodana akho kanye nawe niyakugcina ubupristi kukho konke okwe-altare, nakukho konke okuphakathi kwesihenqo; niyakukhonza; ngiyaninika ubupristi njengenkonzo yesipho; umfokazi osondelayo wobulawa.”


Ibandla lakhe nalabo ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nane namakhulu ayisithupha.


ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.


Kwathi-ke esayenza inkonzo yobupristi phambi kukaNkulunkulu njengokuhlelwa kwesikhathi sesigaba sakubo,


Abantwana bakwa-Israyeli basuka eBeyeroti Bene Jahakani, bafika eMosera; u-Aroni wafela khona, wembelwa khona; u-Eleyazare indodana yakhe wakhonza ebupristini esikhundleni sakhe.


Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho umkhethile kuzo zonke izizwe zakho ukuba eme, akhonze egameni likaJehova, yena namadodana akhe, kuze kube phakade.


Ngamkhetha kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba abe ngumpristi wami, anikele e-altare lami, ashise impepho, afake ingubo yamahlombe phambi kwami, nganika indlu kayihlo yonke iminikelo yomlilo yabantwana bakwa-Israyeli.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ