Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Etendeni lokuhlangana ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi u-Aroni namadodana akhe bayakuziphatha kwasekuhlweni kuze kuse phambi kukaJehova; kuyakuba yisimiso sabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade ezizukulwaneni zabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Ethendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kwesivumelwano, u-Aroni namadodana akhe bayakuzinakekela phambi kukaSimakade, kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni. Lokho kuyakuba yisimiso saphakade esiyakuhlonishwa ngabantu bakwa-Israyeli, izizukulwane ngezizukulwane.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Etendeni lokuhlangana, ngaphandle kwesihenqo esiphambi kobufakazi, u-Aroni namadodana akhe bayakuyala lokhu phambi kukaJehova kusukela kusihlwa kuze kube sekuseni: kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo kubantwana bakwa-Israyeli.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:21
44 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.


UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.


bamshisela uJehova iminikelo yokushiswa nempepho ethaphukayo ekuseni nakusihlwa njalo, basihlela isinkwa sokubukwa etafuleni elihlanzekileyo, bokhela uthi lwezibani lwegolide nezibani zalo kusihlwa njalo, ngokuba thina sigcina imfanelo kaJehova uNkulunkulu wethu, kepha nina nimshiyile.


Bhekani, nibonge uJehova nina nonke zinceku zikaJehova enimi endlini kaJehova ebusuku.


“ ‘Lolo suku luyakuba yisikhumbuzo kini, nilugcine lube ngumkhosi kaJehova; anolugcina izizukulwane ngezizukulwane ngokomthetho waphakade.


Njengalokho uJehova emyala uMose, kanjalo u-Aroni wakubeka phambi kobuFakazi, kulondolozwe.


Uyakufaka emphongolweni ubufakazi engikunika bona.


u-Aroni namadodana akhe bawafake, nxa bengena etendeni lokuhlangana, nanxa besondela e-altare ukuyokhonza endaweni engcwele, ukuba bangathwali ububi, bafe; kuyakuba yisimiso kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe kuze kube phakade.


kuyakuba ngokuka-Aroni nokwamadodana akhe, kube yimfanelo ephakade kwabakwa-Israyeli, ngokuba kungumnikelo wokuphakanyiswa; koba ngumnikelo wokuphakanyiswa wabantwana bakwa-Israyeli womhlatshelo weminikelo yabo yokuthula, umnikelo wabo wokuphakanyiswa kuJehova.


“Lo uyakuba ngumnikelo oshiswa imihla yonke ezizukulwaneni zenu ngasemnyango wetende lokuhlangana phambi kukaJehova, lapho ngiyakuhlangana khona nani, ngikhulume khona kuwe.


“Ngiyakungcwelisa itende lokuhlangana kanye ne-altare, ngingcwelise no-Aroni namadodana akhe ukuba bangikhonze esikhundleni sobupristi.


mabahlambe izandla zabo nezinyawo zabo ukuba bangafi, kube yisimiso esiphakade kubo, kuyena nakuyo inzalo yakhe ezizukulwaneni zabo.”


ucolisise enye, uyibeke phambi kobufakazi etendeni lokuhlangana, lapho ngiyakuhlangana khona nawe, ibe ngcwelengcwele kini.


Nalapho u-Aroni ezibeka izibani ngakusihlwa, woyishisa ibe yimpepho ephakade phambi kukaJehova ezizukulwaneni zenu.


Wofaka khona umphongolo wobufakazi, uwuhenqele umphongolo ngesihenqo.


“Ungaphuzi wayini naluphuzo olunamandla, wena namadodana akho kanye nawe, nxa ningena etendeni lokuhlangana, ukuba ningafi; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu.


Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kini ukwenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana ngenxa yezono zabo zonke kanye ngomnyaka. Wenza-ke njengalokho uJehova emyalile uMose.


Abasayikuhlabela amademoni imihlatshelo yabo abaye kuwo ukuphinga. Lokho kuyakuba yisimiso esiphakade kubo ezizukulwaneni zabo.’


Aniyikudla isinkwa notshwele nezikhwebu ezintsha, kuze kufike lolo suku, ningakalethi umnikelo kaNkulunkulu wenu; kuyisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke.


Niyakumemezela ngalolo suku, nibe nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kuyisimiso esiphakade ezindlini zenu zonke ezizukulwaneni zenu.


“Yala abantwana bakwa-Israyeli ukuba balethe kuwe amafutha eminqumo acwengekileyo agxotshelwe ukukhanyisa, ukuba izibani zivuthe njalonjalo.


Ngaphandle kwesihenqo sobufakazi etendeni lokuhlangana u-Aroni uyakuzilungisa njalo phambi kukaJehova, aqale kusihlwa kuze kuse; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu,


Ziyakuba ngezika-Aroni nezamadodana akhe, bazidlele endaweni engcwele, ngokuba zingcwelengcwele, zingezakhe phakathi kweminikelo yomlilo kaJehova ngesimiso esiphakade.”


“ ‘Kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu ezindlini zenu zonke zokuba ningadli amanoni nagazi.’ ”


abeke isandla sakhe enhloko yomnikelo wakhe, awuhlabe ngaphambi kwetende lokuhlangana, amadodana ka-Aroni afafaze i-altare nxazonke ngegazi lawo.


Makucashunwe kuwo ngokhweshe impuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu namafutha awo, nayo yonke inhlaka ephezu komnikelo wempuphu, akushise e-altare kube yisikhumbuzo sawo, kube yiphunga elimnandi kuJehova.


ayala ngakho uJehova ukuba bakuphiwe ngabantwana bakwa-Israyeli mhla ebagcoba, kube yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zabo.


“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti.


Kepha amaLevi ayakugcina inkonzo yetende lokuhlangana, athwale ububi bawo; kuyakuba yisimiso esiphakade ezizukulwaneni zenu; naphakathi kwabantwana bakwa-Israyeli abayikuba nafa.


“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-altare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantwana bakwa-Israyeli.


Kuyakuba yisimiso esiphakade kubo; ofafaza amanzi okuphothula uyakuhlanza izingubo zakhe, nothinta amanzi okuphothula uyakuba ngongcolile kuze kuhlwe.


“ ‘Lezi zinto ziyakuba yisimiso sesahlulelo kini ezizukulwaneni zenu kuzo zonke izindlu zenu.


Uyakuletha amaLevi phambi kwetende lokuhlangana, ubuthe yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli,


isizwe esasihlezi ebumnyameni sibonile ukukhanya okukhulu, nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa kuphumele kubo ukukhanya.”


“Izinkalo zenu mazibe ziboshiwe, nezibani zivutha.


Yena wayeyisibani esivuthayo nesikhanyayo; nina-ke benithanda ukuthokoza isikhashana ekukhanyeni kwakhe.


Ngokuba uNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni, kukhanye,” nguyena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuba kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKristu.


Sesinalo izwi lesiprofetho eliqinisekile kakhulu, enenza kahle ukuliqaphela kungathi liyisibani esikhanyayo endaweni emnyama kuze kuse, ikhwezi liphumele ezinhliziyweni zenu,


“Kuyo ingelosi yebandla lase-Efesu loba ukuthi: “Nakhu akushoyo ophethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, ohamba phakathi kwezinti zezibani eziyisikhombisa zegolide, uthi:


isibani sikaNkulunkulu sasingakacimi, uSamuweli elele ethempelini likaJehova, lapho kwakukhona umphongolo kaNkulunkulu,


Kwaba njalo kusukela kulolo suku kuya phambili; wamisa isimiso nomthetho kwa-Israyeli kuze kube namuhla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ