Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Uyakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane, izimpondo zalo zibe kunye nalo, ulinameke ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Uyokwenza izimpondo zalo emakhoneni omane alo, izimpondo zalo zibe yinto eyodwa ne-althare, ulicake ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Uzakwenza izimpondo zalo emagumbini alo omane; izimpondo zakhe kumelwe zibe munye; futhi kumelwe ulimboze ngethusi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:2
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Adoniya wesaba ngenxa kaSolomoni; wasuka wahamba, wabamba izimpondo ze-altare.


Lapho kufika umbiko kuJowabe ngokuba uJowabe – wayemlandele u-Adoniya noma engamlandelanga u-Abisalomu uJowabe – wabaleka, waya etendeni likaJehova, wabamba izimpondo ze-altare.


Ngalona lolo suku inkosi yangcwelisa ingaphakathi legceke elalingaphambi kwendlu kaJehova, ngokuba wanikela lapho ngomnikelo wokushiswa, nangomnikelo wempuphu, nangamanoni eminikelo yokuthula, lokhu i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova lalilincane ukuba liwamukele umnikelo wokushiswa, nomnikelo wempuphu, namanoni eminikelo yokuthula.


Kepha i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


UJehova unguNkulunkulu, usikhanyisele; hlobisani umkhosi ngamahlamvu kuze kube sezimpondweni ze-altare.


Wenze izitsha zalo zokususa umlotha walo, namafosholo alo, nezitsha zalo, nezimfoloko zalo, nemicengezi yalo yomlilo, uzenze zonke izinto zalo ngethusi.


Uthabathe igazi lenkunzi, ulibhece ezimpondweni ze-altare ngomunwe wakho, uthulule lonke igazi phansi ngase-altare.


Wenza ngalo izinyawo zomnyango wetende lokuhlangana, ne-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinto zonke ze-altare,


I-altare laliyizingalo ezine; kusukela e-altare kuya phezulu kwakukhona izimpondo ezine.


Uyakuphuma, aye e-altare eliphambi kukaJehova, alenzele ukubuyisana, athabathe kulo igazi lenkunzi nakulo igazi lempongo, alibhece ezimpondweni ze-altare nxazonke.


Uyakulibheca igazi ezimpondweni ze-altare eliphambi kukaJehova, elisetendeni lokuhlangana, athulule lonke elinye igazi ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Umpristi wothabatha igazi lomnikelo wesono ngomunwe wakhe, alibhece ezimpondweni ze-altare lomnikelo wokushiswa, igazi lawo alithulule ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa.


Umpristi abhece igazi ezimpondweni ze-altare lempepho ethaphukayo phambi kukaJehova elisetendeni lokuhlangana; lonke elinye igazi lenkunzi wolithulula ngasesinqeni se-altare lomnikelo wokushiswa elingasemnyango wetende lokuhlangana.


Wayeseyihlaba; uMose wathatha igazi, walibheca ezimpondweni ze-altare nxazonke ngomunwe wakhe, waliphothula i-altare, walithulula igazi ngasesinqeni se-altare, walingcwelisa ukuba alenzele ukubuyisana.


UJehova Sebawoti uyakubavikela, badle, banyathele phansi amatshe endwayimana; bayakuphuza igazi labo njengewayini, bagcwale njengemikhele, njengamagumbi e-altare.


Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.


ukuze ngezinto ezimbili ezingeguquleke, uNkulunkulu angeqambe amanga ngazo, sibe nenduduzo enamandla thina esibalekele ekulibambeni ithemba esilimiselweyo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ