Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 27:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Wolenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, ububanzi balo bube yizingalo eziyisihlanu, i-altare lilingane izinhlangothi zozine; ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 “I-althare uyolenza ngokhuni lomkhambathi; ubude balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu, ububanzi balo bube ngamakhubhithi ayisihlanu. I-althare liyakuba yisikwele; ukuphakama kwalo kube ngamakhubhithi amathathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Uyakwenza i-altare ngomuthi womtholo, ubude balo bube yizingalo eziyisihlanu, nobubanzi bube yizingalo eziyisihlanu; i-altare libe nezinhlangothi ezine ezilinganayo, ukuphakama kwalo kube yizingalo ezintathu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 27:1
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.”


Kepha i-altare lethusi elaliphambi kukaJehova, yalisusa ngaphambi kwendlu phakathi kwe-altare nendlu kaJehova, yalibeka ohlangothini lwasenyakatho lwe-altare layo.


Kepha u-Aroni namadodana akhe bashiya iminikelo e-altare leminikelo yokushiswa nase-altare lempepho, benza nawo wonke umsebenzi wendawo engcwelengcwele, benzela u-Israyeli ukubuyisana njengakho konke ayale ngakho uMose inceku kaNkulunkulu.


Wenza i-altare lethusi; ubude balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nobubanzi balo babuyizingalo ezingamashumi amabili, nokuphakama kwalo kwakuyizingalo eziyishumi.


Kwase kusuka uJeshuwa indodana kaJosadaki, nabafowabo abapristi, noZerubabele indodana kaSheyalitiyeli, nabafowabo, bakha i-altare likaNkulunkulu ka-Israyeli ukuba banikele ngeminikelo yokushiswa phezu kwalo njengokulotshiweyo emthethweni kaMose umuntu kaNkulunkulu.


UMose walakha i-altare, waliqamba igama lokuthi iJehova-Nisi.


UMose wabhala onke amazwi kaJehova, wavuka ekuseni ngakusasa, walakha i-altare phansi kwentaba, nezinsika eziyishumi nambili njengokwezizwe eziyishumi nambili zakwa-Israyeli.


ne-altare lomnikelo wokushiswa nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,


i-altare lomnikelo wokushiswa nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezitsha zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo,


i-altare lethusi, nehele lalo lethusi, nezinti zalo, nezinto zonke zalo, nomcengezi nesinqe sawo;


Ugcobe i-altare lomnikelo wokushiswa nezinto zalo zonke, ulingcwelise i-altare, i-altare libe ngcwelengcwele.


Wabeka i-altare lomnikelo wokushiswa ngasemnyango wetabernakele letende lokuhlangana, wanikela kulo ngomnikelo wokushiswa nangomnikelo wempuphu, njengalokho uJehova emyalile uMose.


“Ubeke i-altare lomnikelo wokushiswa phambi komnyango wetabernakele letende lokuhlangana.


Okugcinwa yibo kuyakuba ngumphongolo, netafula, nothi lwezibani, nama-altare, nezimpahla zendlu engcwele abakhonza ngazo, neveli, nayo yonke inkonzo yalokho.


“Bayakususa umlotha e-altare, bendlale kulo indwangu ebubende,


babeke kuyo zonke izinto zalo abakhonza ngazo kulo, imicengezi yempepho, nezimfoloko, namafosholo, nezitsha, nezinto zonke ze-altare, bendlale phezu kwazo isimbozo sesikhumba samatahasi,* bafake izinti zalo.


Sine-altare thina, abangenalungelo lokudla kulo abakhonza etabernakele*.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ