Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 26:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 “Wolimisa itabernakele njengesifanekiso salo owaboniswa sona entabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 “Uyolimisa ithabanakeli ngendlela owakhonjiswa yona entabeni.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Wolimisa itabernakele ngendlela owaboniswa ngayo entabeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 26:30
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

“Konke lokho,” washo uDavide, “ngikuqondisiwe ngokubhalwe ngesandla sikaJehova, yebo, wonke umsebenzi walesi sifanekiso.”


Bhekisisa ukuba uzenze ngesifanekiso sazo owaboniswa sona entabeni.


Njengakho konke engikutshengisa khona njengesifanekiso setabernakele* nangesifanekiso sempahla yonke yalo, anoyenza njalo-ke.


Wonameka amapulangwe ngegolide, uwenze amasongo awo ngegolide, abe yizindawo zemishayo, unameke nemishayo ngegolide.


Ulenze ngamapulangwe, libe yigobongo, ulenze njengalokho waboniswa entabeni.


“Ngosuku lokuqala lwenyanga yokuqala wolimisa itabernakele* letende lokuhlangana.


Kwase kusuka amaKohati ethwala izinto ezingcwele; itabernakele* lamiswa, wona engakafiki.


Nanku umsebenzi wothi lwezibani, umsebenzi wegolide elikhandiweyo: kuze kube sesinqeni salo nasezimbalini zalo kwakungumsebenzi okhandiweyo; njengesifanekiso uJehova asibonise uMose, wenze njalo uthi lwezibani.


“Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;


isikhonzi sokungcwele nesetabernakele* lempela elamiswa yiNkosi kungemuntu.


bekhonza okungumfanekiso nesithunzi sokwasezulwini, njengokuba uMose wayalwa esezakwenza itabernakele* ngokuthi: “Bheka, wokwenza konke ngesifanekiso owaboniswa sona entabeni,”


Njalo-ke kwakudingekile ukuba imifanekiso yokusezulwini ihlanzwe ngalokho, kepha okusezulwini uqobo lwakho kuhlanzwe ngeminikelo emihle kunalena.


Yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli yabuthana eShilo, yamisa khona itende lokuhlangana; izwe lanqotshwa phambi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ