Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 25:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Mabangenzele indlu engcwele ukuba ngihlale phakathi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “Mabangenzele ithabanakeli elingcwele ukuze ngihlale phakathi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bangenzele indlu engcwele; ukuze ngihlale phakathi kwabo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 25:8
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngingabashiyi abantu bami u-Israyeli.”


Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”


Uzakubangenisa, ubatshale entabeni yefa lakho, indawo ozenzele yona, Jehova, ukuba uhlale kuyo, indlu engcwele, Nkosi, eziyimisile izandla zakho.


UJehova ungamandla ami nehubo lami; waba yinsindiso kimi; unguNkulunkulu wami: ngizakumdumisa, noNkulunkulu kababa: ngizakumphakamisa.


Ngiyakuhlala phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, ngibe nguNkulunkulu wabo.


Bayakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wabo, owabakhipha ezweni laseGibithe, ukuba ngihlale phakathi kwabo; nginguJehova uNkulunkulu wabo.


Memeza, ujabule wena ohlezi eSiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwakho.”


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


Izizwe ziyakwazi ukuthi mina Jehova ngiyangcwelisa u-Israyeli, lapho indlu yami engcwele ikhona phakathi kwabo kuze kube phakade.’ ”


Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, lokhu kuyindawo yesihlalo sami sobukhosi, nendawo yamathe ezinyawo zami, lapho ngiyakuhlala khona phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli kuze kube phakade; indlu yakwa-Israyeli ayisayikulingcolisa igama lami elingcwele, yona namakhosi ayo, ngokuphinga kwayo nangezidumbu zamakhosi ayo ezindaweni zayo eziphakemeyo,


UMose wabiza oMishayeli no-Elisafani amadodana ka-Uziyeli, uyisekazi ka-Aroni, wathi kubo: “Sondelani, nibasuse abafowenu ngaphambi kwendlu engcwele, nibakhiphele ngaphandle kwekamu.*”


futhi angaphumi endlini engcwele, angahlambalazi indlu engcwele kaNkulunkulu wakhe; ngokuba umqhele wamafutha okugcoba kaNkulunkulu wakhe uphezu kwakhe; nginguJehova.


Ngiyakubeka itabernakele* lami phakathi kwenu, umphefumulo wami awuyikunengwa yinina.


umpristi agcobhoze umunwe wakhe egazini, afafaze ngegazi kasikhombisa phambi kukaJehova, ngaphambi kwesihenqo sendlu engcwele.


“Hlabelela ngokujabula, uthokoze, ndodakazi yaseSiyoni, ngokuba bhekani, ngiyeza, ngiyakuhlala phakathi kwakho,” usho uJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Ngiyakubuyela eSiyoni, ngihlale phakathi kweJerusalema; iJerusalema liyakuthiwa uMuzi Weqiniso nentaba kaJehova Sebawoti iNtaba Engcwele.”


nikhiphe abesilisa nabesifazane, nibakhiphele ngaphandle kwekamu ukuba bangangcolisi ikamu engihlala phakathi kwalo.”


“Kwakukhona itende lobufakazi kobaba ehlane njengalokho akuyalayo yena owakhuluma noMose ukuba alenze ngomfanekiso abewubonile;


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo, njengokuba washo uNkulunkulu ukuthi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo; ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


kuyakuthi kuleyo ndawo uJehova uNkulunkulu wenu ayakuyikhetha ukuba kuhlale khona igama lakhe, niyise lapho konke enginiyala ngakho: iminikelo yenu yokushiswa, nemihlatshelo yenu, nokweshumi kwenu, nomnikelo wokuphakanyiswa wesandla senu, nezithembiso zenu ezikhethiweyo enizethembisa kuJehova;


kepha uKristu uthembekile njengendodana phezu kwendlu yakhe, esiyindlu yakhe thina, uma sibambisisa isibindi nentokozo yethemba liqine kuze kube sekupheleni.


UFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi wathi kubantwana bakwaRubeni nakubantwana bakwaGadi nakubantwana bakwaManase: “Namuhla siyazi ukuthi uJehova uphakathi kwethu, ngokuba anenzanga lesi siphambeko kuJehova; manje senophulile abantwana bakwa-Israyeli esandleni sikaJehova.”


Ngase ngizwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi, lithi: “Bheka, itabernakele* likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ