Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 24:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, ethi: “Bheka, nanti igazi lesivumelwano uJehova asenze nani ngawo onke lawa mazwi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 UMose wathatha igazi wafafaza ngalo abantu, wathi: “Bhekani, leli yigazi lesivumelwano uSimakade asenze nani ngawo wonke lawa mazwi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UMose wayesethatha igazi, wafafaza ngalo abantu, wathi: “Nanti igazi lesivumelwano uJehova asenza nani ngawo onke lawa mazwi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 24:8
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngimisile lapho indawo yomphongolo okukuwo isivumelwano sikaJehova asenza nawobaba ekubakhipheni ezweni laseGibithe.”


Kwakungekho lutho emphongolweni, kuphela izibhebhe ezimbili zamatshe ezabekwa khona nguMose eHorebe, lapho uJehova enza isivumelwano nabantwana bakwa-Israyeli ekuphumeni kwabo eGibithe.


Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;


UMose wathatha inxenye yegazi, wayithela ezitsheni; inxenye yegazi wafafaza ngayo i-altare.


kanjalo iyakwethusa izizwe eziningi; amakhosi ayakuvala imilomo yawo ngenxa yayo, ngokuba lokho angatshelwanga khona ayakukubona, nalokho angakuzwanga ayakukuqonda.


kungenjengesivumelwano engasenzayo nawoyise mhla ngibabamba ngesandla ukubakhipha ezweni laseGibithe, isivumelwano sami abasaphula noma ngangiyinkosi yabo,” usho uJehova.


“ ‘Lapho ngidlula kuwe, ngikubona, bheka, kwakuyisikhathi sakho, isikhathi sokuthanda; ngeneka ingubo yami phezu kwakho, ngembathisa ubunqunu bakho; yebo, ngafunga kuwe, ngangena esivumelwaneni nawe, isho iNkosi uJehova, waba ngowami.


Ngiyakunifafaza ngamanzi ahlambulukileyo, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


UMose wayesethatha amafutha okugcoba, negazi elalise-altare, wafafaza ngalo u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe, wangcwelisa u-Aroni nezambatho zakhe, namadodana akhe kanye naye, nezambatho zamadodana akhe.


‘Isithembiso enganinika sona ekuphumeni kwenu eGibithe noMoya wami kuyakuhlala phakathi kwenu; ningesabi.’


Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.


ngokuba lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi kukho ukuthethelelwa kwezono.


Wathi kubo: “Lokhu kuyigazi lami lesivumelwano elithululwa ngenxa yabaningi.


Kanjalo-ke nesitsha emva kokudla, ethi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.


Kanjalo wathabatha nesitsha emva kokudla kwakusihlwa, wathi: “Lesi sitsha siyisivumelwano esisha egazini lami; lokhu kwenzeni ngezikhathi zonke enisiphuza ngazo ukuba ningikhumbule.”


esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe


UJehova uNkulunkulu wethu wenza isivumelwano nathi eHorebe.


pho, nithi ufanele ukushaywa kangakanani kunalokho lowo onyathele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


UJoshuwa wayesenza isivumelwano nabantu ngalolo suku, wabamisela isimiso nomthetho eShekemi.


bekhethiwe ngokwaziphambili kukaNkulunkulu uYise ngokungcwelisa kukaMoya kukho ukulalela nokufafazwa ngegazi likaJesu Kristu: Makwandiswe kinina umusa nokuthula.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ