Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 24:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakungathi kugandayiwe ngamatshe amasafire,* kungathi yizulu uqobo ngokucweba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 bambona uNkulunkulu ka-Israyeli; phansi kwezinyawo zakhe kwakukhona okwakufana nendawo egandaywe ngamatshe esafire, kungathi yizulu uqobo ngokucweba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Babona uNkulunkulu ka-Israyeli, futhi ngaphansi kwezinyawo zakhe kwakunjengomsebenzi ogandayiwe wetshe lesafire, nanjengendikimba yezulu ekukhazimuleni kwawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 24:10
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJakobe waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iPheniyeli,* ngokuba wathi: “Sibonene noNkulunkulu ubuso nobuso, nokho umphefumulo wami wophulwa.”


Ilanga lamphumela esadlula iPheniyeli, waqhuga enyongeni yakhe.


UMikhaya wathi: “Ngalokho yizwa izwi likaJehova lokuthi: Ngambona uJehova ehlezi esihlalweni sakhe sobukhosi, nebandla lonke lasezulwini limi ngakuye ngakwesokunene sakhe nangakwesokhohlo sakhe.


Ngalokho, Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, maliqiniseke izwi lakho owalikhuluma encekwini yakho uDavide.


Akasibekanga isandla sakhe kuzo izikhulu zabantwana bakwa-Israyeli; sebembonile uNkulunkulu badla, baphuza.


Wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo, uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe; uMose wasitha ubuso bakhe, ngokuba wesaba ukumbheka uNkulunkulu.”


Wathi: “Awunakubona ubuso bami, ngokuba akukho muntu ongangibona, aphile.”


Besengisusa isandla sami, ubone umhlane wami, kepha ubuso bami abuyikubonwa.”


Izingalo zakhe ziyizindilinga zegolide, okufakwe kuzo amakrisolithe;* isidumbu sakhe sinjengokwenziwe ngophondo lwendlovu, sembesiwe ngamasafire.*


Ngubani lo olunguza njengokusa, emuhle njengenyanga, ecwebile njengelanga, kepha esabeka njengezimpi, na?


Abakhulu balo babehlambulukile kunongqoqwane, babe mhlophe kunobisi; imizimba yabo yayibomvana kunekorali,* isimo sabo sasinjengesafire.*


Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu ngenyanga yesine ngolwesihlanu, ngiphakathi kwabathunjwa ngasemfuleni iKhebari, lavuleka izulu, ngabona imibono ngoNkulunkulu.


Ngase ngibona, bheka, emkhathini owawuphezu kwamakhanda amakherubi* kwabonakala okunjengetshe lesafire,* kufana kungathi nesihlalo sobukhosi.


Inceku enje yenkosi yami ingakhuluma kanjani nenkosi yami enje na? Ngokuba mina, khona lapho akusalanga mandla kimi, nokuphefumula bekungasekho kimi.”


ngiyakukhuluma naye umlomo nomlomo ngokusobala, kungabi ngamazwi ayimfumbe; isimo sikaJehova uyakusibona; anesabanga ngani ukukhuluma ngenceku yami uMose na?”


Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya.


Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.


UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na?


Akusikho ukuthi ukhona oke wambona uBaba, kuphela ovela kuNkulunkulu; nguyena ombonile uBaba.


yena yedwa onokungafi, ehlala ekukhanyeni okungenakusondelwa kukho, ongazange abonwe muntu, nongebonwe; makube kuye udumo namandla aphakade. Amen.


UNkulunkulu akazange abonwe muntu; uma sithandana, uNkulunkulu uhlala kithi, nothando lwakhe luphelele kithi.


futhi wayephethe izinkanyezi eziyisikhombisa esandleni sakhe sokunene, nasemlonyeni wakhe kwaphuma inkemba ebukhali esika nhlangothi zombili, nobuso bakhe bunjengelanga likhanya ngamandla alo.


unenkazimulo kaNkulunkulu; ukukhanya kwawo kwakunjengetshe elinenani elikhulu sengathi yitshe lejaspi* elicwebezelayo,


nohleziyo wayefana netshe lejaspi* nesardiyu* ukubukeka kwakhe, nothingo lwenkosikazi luhaqe isihlalo sobukhosi lufana nesimaragidu* ukubukeka kwalo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ