Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 23:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ziqhelelanise nokwethwesa omunye icala lamanga, ungambulali ongenacala noma labo abaseqinisweni, ngokuba angiyukumkhulula onecala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Deda endabeni yamanga; futhi ungambulali ongenacala nolungileyo, ngoba ngeke ngithethelele omubi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 23:7
24 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na?


Uma ubuyela kuSomandla, uyakwakhiwa, uma udedisa okubi kude etendeni lakho,


Susa kimi indlela yamanga, ungiphe ngomusa umthetho wakho.


Bahlangana ukuvukela umphefumulo wolungileyo; igazi elingenacala bayalilahla.


“Awuyikuthutha indaba yamanga, ungafaki isandla sakho kubo ababi, ube ngufakazi wamanga.


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


Impela omubi akayekwa, kepha inzalo yabalungileyo iyakhululwa.


Othetha omubi nolahla olungileyo bayisinengiso kuJehova bobabili.


Yena ohamba ngokulunga, okhuluma ngobuqotho, odelela inzuzo yokucindezela, othintitha izandla zakhe ukuze angamukeli imivuzo, ovala izindlebe zakhe ukuze angezwa ngegazi, ocimeza amehlo akhe ukuze angaboni okubi,


Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle, nokuhle ukuthi kungububi, ababeka ubumnyama bube ngukukhanya, nokukhanya kube ngubumnyama, babeke nokubabayo kube ngubumtoti, nobumtoti bube ngokubabayo!


“ ‘Ningebi, ningakhohlisani, ningaqambelani amanga.


“ ‘Ungahambahambi ucetheza phakathi kwabantu bakho, ungamelani nokuphila komakhelwane wakho; nginguJehova.


UJehova wephuza ukuthukuthela, mkhulu ngamandla, akenzi onecala abe msulwa; uJehova unendlela yakhe esivunguvungwini nasesiphephweni, namafu ayibhuqu lezinyawo zakhe.


Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?” Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”


Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambulwa ivela ezulwini phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi,


Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye.


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, baye ukwahlulelwa, kuthethwe icala labo, bayakuyekela olungileyo, balahle onecala,


“ ‘Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ