Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi; ngalokho aniyikudla nyama yesilwane esidweshulwe endle, kepha anoyiphonsa ezinjeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 “Niyakuba ngabantu abangcwele kimi, ngakho-ke ningayidli inyama yesilwane esidweshulwe yizilwane zasendle, kodwa aniboyiphonsela izinja.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Kumelwe nibe ngabantu abangcwele kimi; aniyikuyidla inyama edwengulwe endle; kufanele uyiphonse ezinjeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:31
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba bazithathele amadodakazi abo, bona namadodana abo, kuze kuthi inzalo engcwele isixubene nabantu bezizwe; izandla zezikhulu nababusi yizona ebeziphambili kuleso siphambeko.”


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


Abapristi abayikudla okuzifeleyo nokudweshuliweyo, noma ezinyonini noma ezinkomeni.


“Yisho kuyo yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli, uthi kuyo: ‘Niyakuba ngcwele, ngokuba mina Jehova uNkulunkulu wenu ngingcwele.


“ ‘Ngalokho anohlukanisa izilwane ezihlambulukileyo nezingcolileyo, izinyoni ezingcolileyo nezihlambulukileyo, ningenzi imiphefumulo yenu inengeke ngesilwane noma ngenyoni noma ngantoni enwabuzelayo emhlabeni, engizahlukanisile nani, ngathi zingcolile.


Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.


Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.


Kepha uPetru wathi: “Qha, Nkosi, ngokuba angizange ngikudle okuyichilo nokungcolileyo.”


kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi.


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ