Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Uyakwenze njalo nangezinkomo zakho nangezimvu zakho: liyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili wonginika lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Uyokwenza okufanayo ngamazibulo ezinkomo zakho, nawezimvu zakho. Uyakuwavumela abe nonina izinsuku eziyisikhombisa, bese kuthi ngosuku lwesishiyagalombili uwanikele kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Wenze njalo ngezinkomo zakho nasemhlambini wakho wezimvu nezimbuzi: kumelwe libe kunina izinsuku eziyisikhombisa; ngosuku lwesishiyagalombili kumelwe unginike lona.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:30
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho.


wodlulisela kuJehova konke okuvula isizalo nawo onke amazibulo ezinkomo onawo; amaduna onke azakuba ngakaJehova.


Ngase ngithi: “O Nkosi Jehova, bheka, umphefumulo wami awuzange ungcoliswe, ngokuba kusukela ebusheni bami kuze kube manje angidlanga okuzifeleyo nokudweshuliweyo, nenyama enengekayo ayingenanga emlonyeni wami.”


Ngokuba nginguJehova uNkulunkulu wenu; ngalokho zingcweliseni, nibe ngcwele, ngokuba mina ngingcwele; ningazingcolisi ngezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.


Ngokuba nginguJehova owakukhuphula ezweni laseGibithe, ngibe nguNkulunkulu wenu; ngalokho yibani ngcwele, ngokuba ngingcwele.


Ngosuku lwesishiyagalombili inyama yejwabu lakhe iyakusokwa.


“ ‘Yilowo nalowo odla ingcuba noma lokho okudweshulwe yizilo, noma engowokuzalwa ekhaya noma engumfokazi, makahlanze izingubo zakhe, ageze ngamanzi, abe ngongcolile kuze kuhlwe; khona uyakuhlambuluka.


“Nxa kuzalwa inkunzi noma imvu noma imbuzi, iyakuhlala kunina izinsuku eziyisikhombisa; kusukela osukwini lwesishiyagalombili nangasemuva iyakwamukelwa ibe ngumnikelo womlilo kuJehova.


Ingcuba nokudweshulwe yizilo akayikukudla ukuzingcolisa ngakho; nginguJehova.


“Yisho kubantwana bakwa-Israyeli, uthi: ‘Aniyikudla manoni enkomo, nawemvu, nawembuzi.


Amanoni engcuba namanoni okudweshuliweyo angasebenza yonke eminye imisebenzi; kepha ningawadli nempela.


Ningadli naliphi igazi, noma ngelenyoni noma ngelenkomo, nakuyiphi yezindlu zenu.


“Aniyikudla lutho lwengcuba; ungamnika umfokazi ophakathi kwamasango akho ukuba akudle, noma uthengise ngakho kowezizwe, ngokuba wena uyisizwe esingcwele kuJehova uNkulunkulu wakho. Awuyikupheka izinyane lembuzi obisini lukanina.


“Onke amazibulo amaduna azalwa ezinkomeni zakho nasezimvini zakho wowangcwelisela uJehova uNkulunkulu wakho; awuyikusebenza ngezibulo lezinkomo zakho, ungaligundi izibulo lezimvu zakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ