Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 “Uma utsheleka ompofu wabantu bami okuwe imali, awuyikumphatha njengabatshelekisi; ningabizi nzalo kuye.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 “Uma uboleka omunye wabantu bami imali, uboleka ompofu phakathi kwenu, awuyukumphathisa okombolekisi wemali, awuyukumbiza nzalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Uma uboleka omunye wabantu bami ompofu imali, akumelwe ube mboleko kuye, futhi akumelwe umkhokhise nzalo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:25
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwakhala ku-Elisha owesifazane othile wabafazi bamadodana abaprofethi, wathi: “Inceku yakho, indoda yami, ifile; wena uyazi ukuthi inceku yakho yayimesaba uJehova; sekufike umtshelekisi ukuzithathela abafana bami ababili babe yizigqila.”


Wayeseya ukumtshela lowo muntu kaNkulunkulu. Wathi yena: “Hamba uthengise ngamafutha, ukhokhe isikwenetu sakho, uzondle wena namadodana akho ngaseleyo.”


Inhliziyo yami isicabangile, ngathethisana nabakhulu nababusi, ngathi kubo: “Nina nonke nibiza inzalo omunye komunye.” Ngase ngibiza ibandla elikhulu ngabo.


ongatsheleki muntu imali yakhe ukuba izale, nongamukeli umvuzo ngongenacala; owenza lokhu akayikuzanyazanyiswa naphakade.


Owandisa imfuyo yakhe ngenzalo nangenzuzo uyibuthela onomusa kwabampofu.


Maye kimina, mame, ukuthi ungizalile, ngibe ngumuntu wokuphikisana nokuxabana emhlabeni wonke! Angibizanga inzalo, futhi akubizwanga inzalo kimi, nokho bayangiqalekisa bonke.


inika ngenzalo, yamukela inzuzo. Iyakuphila na? Cha, ayiyikuphila. Yenzile zonke lezi zinengiso; iyakubulawa nokubulawa, igazi layo libe phezu kwayo.


Ibuyisa isandla sayo kwabampofu, ingamukeli inzalo nenzuzo, yenza izahlulelo zami, ihamba ngezimiso zami. Yona ayiyikufa ngokona kukayise, iyakuphila nokuphila.


engacindezeli muntu, ebuyisela kotshelekayo isibambiso sakhe, engaphangi nokuphanga, kepha enika abalambileyo isinkwa sakhe, embathisa abanqunu izingubo;


enganiki ngenzalo, engamukeli inzuzo, ebuyisa isandla sakhe ebubini, enza ukwahlulela okuqinisileyo phakathi komuntu nomuntu;


Bamukele imivuzo phakathi kwakho ukuba bachithe igazi; wena uthathe inzalo nenzuzo, waphanga abakhelwane bakho ngokubacindezela, wangikhohlwa mina, isho iNkosi uJehova.


bacambalale ezingutsheni ezithathwe zaba yisibambiso eceleni kwawo onke ama-altare, baphuze iwayini labahlawulisiweyo endlini kaNkulunkulu wabo.


Ngakho wawumelwe ukubeka imali yami kwabebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngitholile okwami kanye nenzalo.


awufakanga ngani imali yami ebhange,* mina-ke ekufikeni kwami ngabe ngiyibizile kanye nenzalo, na?’


“Uma kukhona kuwe ompofu, omunye wabafowenu, phakathi kwelithile lamasango ezweni lakini uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, awuyikuyenza lukhuni inhliziyo yakho, ungamvaleli umfowenu ompofu isandla sakho,


kepha uyakukubuyisela nokukubuyisela kuye ukushona kwelanga ukuba alale ngengubo yakhe, akubusise; lokho kuyakuba kuwe ukulunga phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ