Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 22:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 “Awuyikukhathaza umfokazi, ungamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 “Awuyukumphatha kabi noma umcindezele umfokazi ohlala nawe, ngokuba nawe wawungumfokazi eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Aniyikumthukuthelisa umfokazi, ningamcindezeli, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 22:21
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yebo, nenza inkatho ngentandane, nithengisa ngomngane wenu.


UJehova uyalondoloza abafokazi; uyaphasa intandane nomfelokazi; kepha indlela yababi uyayiphambanisa.


“NginguJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.


Awuyikumcindezela umfokazi, ngokuba niyazi inhliziyo yomfokazi, lokhu naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Fundani ukwenza okuhle, nifune ukwahlulela, niqondise abacindezeli, nahlulele izintandane, nimele umfelokazi.


Usho kanje uJehova, uthi: Yenzani izahlulelo nokulunga, nophule ophangiweyo esandleni somcindezeli, ningoni, ningadluzuli abafokazi, nezintandane, nabafelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo.


uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale,


Bathukile kuwe uyise nonina, bacindezela abezizwe phakathi kwakho, bona phakathi kwakho izintandane nabafelokazi.


“ ‘Ungamcindezeli umakhelwane wakho, ungamphangi; inkokhelo yomqashwa ayiyikuhlala kuwe ubusuku bonke kuze kuse.


“ ‘Uma umfokazi egogobele kuwe ezweni lakini, aniyikumhlupha.


Umfokazi ogogobeleyo kini uyakuba kini njengowokuzalwa ekhaya phakathi kwenu, umthande njengalokhu uzithanda wena, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe; nginguJehova uNkulunkulu wenu.


“ ‘Uma umfowenu eba mpofu, engenamandla okukukhokhela, uyakumsekela, ahlale nawe njengomfokazi nogogobeleyo.


ningacindezeli abafelokazi, nezintandane, nabafokazi, nabampofu, kungabi ngoceba okubi ngomfowabo enhliziyweni yakhe.’


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Ngabayala abahluleli benu ngaleso sikhathi, ngathi: ‘Zwanini okuphakathi kwabafowenu, nahlulele ngokulungileyo phakathi komuntu nomfowabo, nomfokazi okuye.


Uyenza ukwahlulela kwezintandane nokomfelokazi, uyathanda umfokazi ngokumnika ukudla nezingubo.


Thandani-ke umfokazi, ngokuba naningabafokazi ezweni laseGibithe.


Uyakukhumbula ukuthi wawuyisigqila ezweni laseGibithe nokuthi uJehova uNkulunkulu wakho wakuhlenga; ngalokho ngiyakuyala ngale nto namuhla.


Siyakuhlala kuwe phakathi kwakho endaweni esiyakuyikhetha phakathi kwelinye lamasango akho, lapho sithanda khona; ungasicindezeli.


“Unganengwa ngowakwa-Edomi, ngokuba ungumfowenu; awuyikunengwa ngowaseGibithe, ngokuba wawungumfokazi ezweni lakubo.


“Awuyikuphendukezela ukwahlulelwa komfokazi noma okwentandane, ungathathi ingubo yomfelokazi ibe yisibambiso,


“ ‘Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ