18 “Ungavumi ukuba umlumbikazi aphile.
18 “Awuyukumvumela umlumbikazi aphile.
18 Ungavumeli umthakathi aphile.
Umoya waseGibithe uyakuba yize ngaphakathi kwalo; ngiyakuchitha amasu alo; bayakufuna onkulunkulu, nezinyanga, nabanamadlozi, nabathakathi.
ngokuba baprofetha amanga kini ukuba nisuswe kude nezwe lakini, nginixoshe, niphele.
Kepha nina ningabalaleli abaprofethi benu, nababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’
“ ‘Ungalali nesilwane ukuzingcolisa ngaso; nowesifazane makangemi phambi kwesilwane ukuba alale naso; kuyichilo.
“ ‘Aniyikudla lutho olunegazi, ningenzi imilingo, ningahloli imihlola.
“ ‘Ningaphendukeli kwabanamadlozi nakubathakathi, ningabafuni ukuba ningcoliswe yibo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
“ ‘Owesilisa noma owesifazane, elikubo idlozi, noma umthakathi bobulawa nokubulawa, bakhandwe ngamatshe, igazi labo libe phezu kwabo.’ ”
“ ‘Nalowo muntu ophendukela kwabanamadlozi nakubathakathi ukuya kubo ukuba aphinge, ngiyakubeka ubuso bami bumelane nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.
Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu.
nokukhonza izithombe, nokuthakatha, nobutha, nokulwa, nomona, nokuthukuthela, nokubanga, nokwalana, nokwahlukana,
“ ‘Makaqalekiswe olala nesilwane.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’
Ngaphandle kukhona izinja, nabathakathi, nezifebe, nababulali, nabakhonza izithombe, nabo bonke abathanda nabenza amanga.
USamuweli wayesefile; wonke u-Israyeli wamkhalela, wammbela eRama umuzi wakhe. USawule wayexoshile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi.
Owesifazane wathi kuye: “Bheka, uyazi ukuthi uSawule wenzeni, ukuba unqumile ezweni abanamadlozi phakathi kwabo nabathakathi; ngalokho ungibekelelani ugibe ukuba ungibulale na?”