Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 21:14 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

14 Kodwa uma umuntu ehlasela abulale omunye ngobuqili, kufanele naye asuswe e-althare lami abulawe.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Kepha uma umuntu efika kumakhelwane wakhe ngokugabadela, ukumbulala ngobuqili; kumelwe umsuse e-altare lami, ukuze afe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 21:14
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Abineri esebuyele eHebroni, uJowabe wamchezukisela phakathi kwesango ukuba akhulume naye bebodwa, wamgwaza lapho esiswini waze wafa ngenxa yegazi lika-Asaheli umfowabo.


UJehoyada, umpristi, wayala izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo: “Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba; ngokuba umpristi wathi: ‘Makangabulawa endlini kaJehova.’ ”


Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba necala eziphambekweni ezinkulu.


Umuntu osindwa yigazi lomunye uyakubalekela egodini; makangasizwa muntu.


“ ‘Kepha uma umuntu eshaya omunye ngento yensimbi aze afe, ungumbulali; umbulali wobulawa nokubulawa.


“Ngakhuluma-ke kanjalo kini, analalela, kepha nahlubuka ezwini likaJehova, naziqhenya, nakhuphukela entabeni.


yazi-ke ukuthi lokhu umprofethi akukhulumayo egameni likaJehova, bese ingenzeki leyo nto, ingaveli iyiyo leyo nto, akusiye uJehova oyikhulumile; umprofethi uyikhulumile ngokuziqhenya; ungamesabi.


“ ‘Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese.’ “Bonke abantu bayakusho ukuthi: ‘Amen.’


Ngokuba uma sona ngamabomu emva kokuba sesamukele ukwazi kweqiniso, akusekho umnikelo ngezono,


ikakhulu labo abahamba ngokwenyama enkanukweni yokuzingcolisa, bedelela ubukhosi; bengamaphikankani nabaziqhenyayo abesabi nokuhlambalaza abenkazimulo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ