Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Ungaliphathi ngeze igama likaSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba uSimakade akayukumyeka angamjezisi oliphatha ngeze igama lakhe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho; ngoba uJehova kayikumyekela osebenzisa ibizo lakhe ngeze.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:7
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe: “Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola, ndodana yami, na?” Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.”


Ngalokho ungamyeki abe ngongenacala, ngokuba wena ungumuntu ohlakaniphileyo, uyakwazi okufanele ukuba ukwenze kuye, wehlise impunga endaweni yabafileyo inegazi.”


Kepha uGehazi inceku ka-Elisha umuntu kaNkulunkulu wathi: “Bheka, inkosi yami imyekile uNahamani lo wase-Aramu ngokungamukeli ezandleni zakhe akulethayo; kuphila kukaJehova, ngiyakugijima, ngimlandele, ngithathe into kuye.”


Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho.


funa ngisuthe, ngikuphike ngithi: ‘UJehova ungubani na’ ” funa ngibe mpofu, ngebe, ngilone igama likaNkulunkulu wami.


Kepha seniphendukile futhi, nalihlambalaza igama lami, nabuyisa, kwaba yilowo nalowo isigqila sakhe, yilowo nalowo isigqilakazi sakhe, enanizivumele ukuba zihambe, zikhululeke ngokuthanda kwazo, nazithobisa ukuba zibe yizigqila zenu nezigqilakazi zenu.


Uyakufunga ngeqiniso, nangokwahlulela, nangokulunga, ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ izizwe ziyakuzibusisa kuye, zizibonge kuye.”


“ ‘Ngiyakwenza ukuba laziwe igama lami elingcwele phakathi kwabantu bami u-Israyeli, ngingabe ngisavuma ukuba igama lami elingcwele lingcoliswe, izizwe zazi ukuthi nginguJehova, oNgcwele wakwa-Israyeli.


“ ‘Ningafungeli igama lami amanga, uze uhlambalaze igama likaNkulunkulu; nginguJehova.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Kepha mina ngibiza uNkulunkulu abe ngufakazi emphefumulweni wami ukuthi ngenziwa ukuniphephisa ukuba ngingaphindanga ngize eKorinte,


Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho, umkhonze, unamathele kuye, ufunge igama lakhe.


“ ‘Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


“Womesaba uJehova uNkulunkulu wakho; wokhonza yena, ufunge igama lakhe.


Kepha phezu kwakho konke, bazalwane bami, ningafungi; ningafungi izulu noma umhlaba noma esinye isifungo; kodwa uyebo wenu makabe nguyebo, noqhabo uqhabo, ukuze ningaweli ekwahlulelweni.


Ngalokho ake nifunge manje uJehova kimi, njengokuba nginenzele umusa, ukuba nani niyenzele indlu kababa umusa, ningiphe uphawu oluqinisileyo,


Ayesethi amadoda kuye: “Thina asinacala ngaleso sifungo sakho osifungise sona,


Siyakwenza lokho kubo, sibayeke baphile, funa sehlelwe lulaka ngenxa yesifungo esasifunga kubo.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ