Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UEksodusi 20:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 kepha ngibenzela umusa abayizinkulungwane balabo abangithandayo, bagcine imiyalelo yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Futhi ngihawukele izinkulungwane zalabo abangithandayo futhi bagcine imiyalo yami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UEksodusi 20:6
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngathi: “Ngiyanxusa, Jehova Nkulunkulu wezulu, wena Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa nabakuthandayo nabagcina imiyalo yakho,


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


ogcinela abayizinkulungwane umusa, othethelela ububi neziphambeko nezono, ongayikuyekela onecala, ehambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana, kwabesizukulwane sesithathu nesesine.”


Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami, kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,


wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,


Ngakhuleka kuJehova uNkulunkulu wami, ngavuma ngathi: “O Nkosi, Nkulunkulu omkhulu nowesabekayo, ogcina isivumelwano nomusa kwabamthandayo nabagcina imiyalo yakhe,


‘UJehova uyephuza ukuthukuthela, uvame umusa, uthethelela ububi neziphambeko, angayekeli nokho onecala, kepha ahambele ububi bawoyise kubantwana, kuze kube sezizukulwaneni sesithathu nesesine.’


“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami.


Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”


Ngokuba isithembiso ngesenu nesabantwana benu, esabo bonke abakude, bonke iNkosi uNkulunkulu wethu eyakubabiza.”


Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Yazi-ke ukuthi uJehova uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu, uNkulunkulu othembekileyo, ogcina isivumelwano nomusa nabamthandayo abagcina imiyalo yakhe kuze kube sezizukulwaneni eziyinkulungwane,


Ubusisiwe umuntu okhuthazela ekulingweni; ngokuba esevivinyekile uyakwamukeliswa umqhele wokuphila othenjisiwe yiNkosi kwabayithandayo.


Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.


Ngokuba ukuthanda uNkulunkulu yilokhu ukuba sigcine imiyalo yakhe; nemiyalo yakhe ayinzima,


Yilolu-ke uthando ukuba sihambe ngokwemiyalo yakhe; yiwo umyalo ukuba nihambe ngawo, njengalokho nezwa kwasekuqaleni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ