13 “Ungabulali.
13 Ungabulali.
Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.
UJowashi, inkosi, akakhumbulanga umusa uJehoyada amenzele wona, wabulala indodana yakhe. Ekufeni kwakhe wathi: “UJehova makakubone lokhu, akuphindisele.”
“Oshaya umuntu aze afe, wobulawa nokubulawa.
Uma umuntu esukela umakhelwane wakhe, ambulale ngobuqili, womsusa nase-altare lami ukuba afe.
“Uma umuntu eshaya isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe ngenduku, size sife phansi kwesandla sakhe, wojeziswa nokujeziswa.
Kepha uma inkabi ibizinge ihlaba nangaphambili, futhi lokhu kufakaziwe kumniniyo, engayigcinanga kodwa, inkabi isibulele owesilisa noma owesifazane, leyo nkabi yokhandwa, abulawe nomniniyo.
Deda ube kude nendaba yamanga; ungambulali ongenacala nolungileyo, ngokuba angiyikumyeka owonileyo.
Uma zithi: “Hamba nathi, siqamekele igazi, sibhacele ngeze ongenacala,
Kepha laba baqamekela elabo igazi, babhacela okwabo ukuphila.
Ngokuba bhekani, uJehova uyaphuma endaweni yakhe ukuba ahambele ububi babakhileyo emhlabeni; umhlaba uyakubonakalisa igazi lawo, ungabe usabasibekela ababuleweyo babo.
Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”
“ ‘Oshaya umuntu aze afe wobulawa nokubulawa.
Obulala inkomo woyikhokha; obulala umuntu wobulawa.
Wathi kuye: “Miphi na?” UJesu wathi: “Yile: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga;
Uyayazi imiyalelo ukuthi: Ungabulali, ungaphingi, ungebi, ungafakazi amanga, ungamamuki umuntu utho, yazisa uyihlo nonyoko.”
Uyayazi imiyalelo ukuthi: ‘Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafakazi amanga, yazisa uyihlo nonyoko.’ ”
Kepha uPawulu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Ungazilimazi, ngokuba sikhona sonke.”
Abantu bakhona sebebona isilwane silenga esandleni sakhe, bakhuluma bodwa, bathi: “Ngempela lo muntu ungumbulali othi noma esindile elwandle ukuLunga akuvumi ukuba aphile.”
Ngokuba lokhu ukuthi: “Ungaphingi, ungabulali, ungebi, ungafisi,” noma ukhona omunye umyalelo, kuyahlanganiswa kuleli zwi elithi: “Wothanda umakhelwane wakho njengalokhu uzithanda wena.”
nomhawu, nokudakwa, nokuxokozela, nokunjalo engandulela ukunitshela ngakho, njengokuba senganitshela ukuthi abenza okunje abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu.
“ ‘Ungabulali.
ekwazi lokhu ukuthi umthetho awumiselwe olungileyo, umiselwe abangenamthetho namahlongandlebe, abangamesabi uNkulunkulu nabayizoni abahlazisayo nabadumazayo, nababulali bawonina, nababulala abantu,
Ngokuba yena owathi: “Ungaphingi,” wathi futhi: “Ungabulali,” uma-ke ungaphingi kepha ubulale, ungoweqa umthetho.
Ngokuba ukwahlulelwa okungenasihawu kuyakumehlela ongenzi isihawu; isihawu sizigabisa ekwahlulelweni.